Umasipala ucacisa ngenkinga yemfucuza
UMASIPALA weTheku wazisa abantu bakuleli dolobha ukuthi akuvaliwe ukuqoqwa kwemfucuza ebuye isetshenziswe kodwa bekuphazamiseke ukulandwa kwayo emakhaya.
INhloko yezokuXhumana kuMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, ithe ukungalandwa kukadoti kudalwe ukukhahlamezeka kwendawo yenkampani esebenzisana nomasipala, iMPACT okuhanjiswa kuyo le mfucuza.
Uthe le ndawo ikhahlamezekw ngezikhukhula zangoOkthoba kanti iyalungiswa yikho bengakwazi ukuthatha oplastiki bakadoti aba-orange okufakwa kuyo imfucuza ebuye isetshenziswe.
UNksz Mthethwa uthe osonkontileka abaqoqa lo doti bekumele bathole ezinye izindawo abazowuyisa kuzo.
Osonkontileka abasebenza ezindaweni ezisenyakatho yeTheku nakwenye ingxenye eseningizimu yedolobha kuthiwa babikele abophiko lokuqoqwa kukadoti, abakwaDurban Solid Waste (DSW), ukuthi angeke besakwazi ukulanda udoti ngoba ayisekho indawo abazowuyisa kuyona.
Uthe osonkontileka bazoqala ukuqoqa udoti ngoMsombuluko.
Izindawo ezibe nenkinga yokungalandwa kukadoti yilezi ezilandelayo:
Upper La Lucia, La Lucia, Glen Anil, Sunningdale, La Mercy, Sommerset, Westbrook, Seatides, Belvedere, Belgate, Flamingo Heights, Beffelsdale, Durban North, Newlands, Briardene, Duffs Road, Effingham, Redhill, Lower La Lucia, Parlock, Umngeni Park, Sea Cow Lake, Glenhill, Glen Ashley, Virginia, Kenville, Avoca, Bluff, Merebank, Austerville, Mobeni, Chatsworth, Mobeni Heights naseSiphingo.