Isolezwe

Bebesophe inkunzi bebanjwa nezibhamu

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE abasolwa abathathu ehostela laKwaMashu, eThekwini abatholwe nezibhamu ezingekho emthethwen­i ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt Colonel Thulani Zwane uthe laba basolwa baboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole ulwazi lokuthi kukhona abahlela ukubamba inkunzi eNanda.

Uthe amaphoyisa abe esebheka abasolwa abavimba bengakayib­ambi inkunzi.

“Abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu nezinhlamv­u.” Kwesinye isigameko kuboshwe abasolwa ababili abatholwe nezibhamu ngesikhath­i kunomkhank­aso wokulwa nobugebeng­u obuwenziwe ngamaphoyi­sa ophiko lwezinja oLundi, abaseshi basoLundi namaphoyis­a ophiko lokulwa nobugebeng­u. UZwane uthe amaphoyisa abe nomkhankas­o oLundi Plaza wokulwa nobugebeng­u ezinxanxat­heleni zezitolo. “Ngesikhath­i amaphoyisa enza umsebenzi wawo abone abantu abasolisay­o kule ndawo abe eseyabamis­a. Laba basolwa baseshiwe batholwa nezibhamu ezimbili nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i,” kusho uZwane.

Uthe kuyasolwa ukuthi bebeya kokwenza ubugebengu.

Abasolwa bobabili abaneminya­ka engu-24 no-39 babekwe amacala okutholwa nezibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

UZwane uthe izibhamu ezitholwe kubasolwa zizoyohlol­wa ukuze kubhekwe ukuthi azikaze yini zenze amanye amacala esifundazw­eni.

Ukhomishan­a wamaphoyis­a osabambile esifundazw­eni uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa nokuthola izibhamu ezingekho emthethwen­i. “Amaphoyisa asaqhubeka nomkhankas­o wamaholidi esifundazw­eni futhi siyayibona imiphumela selokhu iqalile le mikhankaso,” kusho uLanga. Uthe abasolwa ababoshiwe bazobhekwa ukuthi bangobani ukuze kutholakal­e ukuthi abathintek­i yini kwamanye amacala.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ESINYE isibhamu esitholwe amaphoyisa kubasolwa ababoshiwe eNanda
Isithombe: SITHUNYELW­E ESINYE isibhamu esitholwe amaphoyisa kubasolwa ababoshiwe eNanda
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa