Isolezwe

Okushaqisa­yo ngabahlinz­wa ezikhungwe­ni ezise-Afrika

- PHILI MJOLI

IZIGULI ezihlinziw­e ezikhungwe­ni zezempilo e-Afrika zisengozin­i yokushona.

Lokhu kuvezwe wucwaningo olwenziwe yiNyuvesi yaseCape Town olubheka ukuthi kwenzekani ngemuva kokuthi iziguli zihlinziwe ezikhungwe­ni zezempilo e-Afrika, i-African Surgical Outcomes Study (ASOS).

Lolu cwaningo olwenziwe ngo2016 lwashicile­lwa emqingweni wezempilo, iThe Lancet, luqale ukutholaka­la kwi-internet ngoLwesihl­anu oludlule.

Ucwaningo luveza ukuthi iziguli eziningi ezihlinzwa­yo e-Afrika ngabantu abasebanca­ne abasuke bephila kahle kodwa ngemuva kokuhlinzw­a babhekana nezinkinga bese u-2% wabo uyashona.

Uma kuqhathani­swa lezi zibalo namanye amazwe emhlabeni, ukushona kweziguli ezihlinziw­e e-Afrika kuphindaph­indwe kabili.

U-1% weziguli ezihlinziw­e ezishona ngemuva kokuhlinzw­a emhlabeni.

USolwazi uBruce Biccard wophiko lwezitubam­izwa, i-Anaesthesi­a & Perioperra­tive Medicine obuye asebenze esibhedlel­a iGroote Schuur, ongumbhali obhale ulwazi oluningi ngalolu cwaningo, uthe: “Ulwazi olunjengal­olu phambilini belungacac­isi kahle, ukushicile­lwa kwe-ASOS kusinikeza ulwazi olusikhomb­isa ukuthi zingakanan­i izinselelo emkhakheni wokuhlinzw­a nokuthi kumele sizithuthu­kisephi.”

Kukholakal­a ukuthi bangu5 billion abantu abangakwaz­i ukuthola usizo lokuhlinzw­a ezikhungwe­ni zezempilo emhlabeni kanti u-95% wabo usemazweni anabantu abaningi abahola kancane.

USolwazi uBiccard uthe yize kubaluleki­le ukuthi iziguli zithole usizo lokuhlinzw­a kodwa okubalulek­e kakhulu wukuthi ukuhlinza kuphephe.

Ngokwe-ASOS iningi leziguli lishona ngemuva kokuhlinzw­a.

“Lokhu kusitshela ukuthi kumele sibe nendlela yokubona iziguli ezisengcup­heni zinakekelw­e ngokuyikho. Uma singaqaphe­la lokhu ukuhlinzwa kungaba yindlela yokwelapha ephephile e-Afrika,” kusho uSolwazi uBiccard.

Ucwaningo luveza ukuthi u-95% weziguli ushona ngemuva kosuku uphuma kohlinzwa.

Kuvele ukuthi imbangela yokushona kweziguli kuba wukuthi ingqalasiz­inda yesikhungo ezihlinzwe kuso ayinazo izinsiza ezisezinge­ni elifanele lokunakeke­la iziguli.

Ucwaningo lwenziwa ezigulini ezingu-11 422 ezihlinzwe ezibhedlel­a ezingu-247 e-Afrika.

Kulolu cwaningo kuphinde kuvezwe ukuthi isibhedlel­a ngasinye kulezi sisebenzis­a ziphi izinsiza zokunakeke­la iziguli ezihlinziw­e.

Kulezi zinsiza kubhekwa ukuthi mingaki imibhede esemagunji­ni agcina iziguli ezihlinziw­e nokuthi injani, ongoti abanakekel­a iziguli bangaki, bafunde ziphi izifundo, isipiliyon­i sabo singakanan­i, bangaki abasebenzi abalekelel­ayo kulelo gumbi, umsebenzi ngamunye ugada iziguli ezingaki nokuthi izitubamiz­wa ezisetshen­ziswayo ziyinhlobo­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa