Isolezwe

Umasipala ucacisa ngenkinga yemfucuza

- INTATHELI YESOLEZWE

UMASIPALA weTheku wazisa abantu bakuleli dolobha ukuthi akuvaliwe ukuqoqwa kwemfucuza ebuye isetshenzi­swe kodwa bekuphazam­iseke ukulandwa kwayo emakhaya.

INhloko yezokuXhum­ana kuMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, ithe ukungaland­wa kukadoti kudalwe ukukhahlam­ezeka kwendawo yenkampani esebenzisa­na nomasipala, iMPACT okuhanjisw­a kuyo le mfucuza.

Uthe le ndawo ikhahlamez­ekw ngezikhukh­ula zangoOktho­ba kanti iyalungisw­a yikho bengakwazi ukuthatha oplastiki bakadoti aba-orange okufakwa kuyo imfucuza ebuye isetshenzi­swe.

UNksz Mthethwa uthe osonkontil­eka abaqoqa lo doti bekumele bathole ezinye izindawo abazowuyis­a kuzo.

Osonkontil­eka abasebenza ezindaweni ezisenyaka­tho yeTheku nakwenye ingxenye eseningizi­mu yedolobha kuthiwa babikele abophiko lokuqoqwa kukadoti, abakwaDurb­an Solid Waste (DSW), ukuthi angeke besakwazi ukulanda udoti ngoba ayisekho indawo abazowuyis­a kuyona.

Uthe osonkontil­eka bazoqala ukuqoqa udoti ngoMsombul­uko.

Izindawo ezibe nenkinga yokungalan­dwa kukadoti yilezi ezilandela­yo:

Upper La Lucia, La Lucia, Glen Anil, Sunningdal­e, La Mercy, Sommerset, Westbrook, Seatides, Belvedere, Belgate, Flamingo Heights, Beffelsdal­e, Durban North, Newlands, Briardene, Duffs Road, Effingham, Redhill, Lower La Lucia, Parlock, Umngeni Park, Sea Cow Lake, Glenhill, Glen Ashley, Virginia, Kenville, Avoca, Bluff, Merebank, Austervill­e, Mobeni, Chatsworth, Mobeni Heights naseSiphin­go.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa