Isolezwe

Uncame ukushiya kunokuqhin­qa ebhentshin­i

- MINENHLE MKHIZE

UNCAMELE ukushiya kunokukhuh­la ibhentshi uDove Wome obegijima kwiSuperSp­ort United.

UWome uqinisekis­ile ukuthi usehlukene naleli qembu lasePitoli ngoba umqeqeshi u-Eric Tinkler ukubeke kwacaca ukuthi ngeke ayivuselel­e inkontilek­a yakhe uma kuphela isizini.

Njengamanj­e imenenja kaWome, uMichael Ngobeni we-M-Sports-Management, itshele Isolezwe ukuthi lo mdlali imzamela umsebenzi e-Azarbaijan.

Exoxa naleli phephandab­a uWome udalule okwenze wacela ukuthi akhululwe kwiSuperSp­ort.

“Umqeqeshi ungitshele emehlweni ukuthi ngeke ayivuselel­e inkontilek­a yami uma isiphela ngoJuni. Ngibone ukuthi kungcono ngihambe manje ngoba kuyacaca ukuthi angikho ezinhlelwe­ni zakhe. Kusizani ukuhlala eqenjini obona kahle ukuthi awemukelek­ile kulona?

Angifuni ukuqamba amanga iSuperSpor­t ingiphathe kahle kodwa umqeqeshi ubengasith­andi isitayela sami. Ebholeni kunjaloke, omunye umqeqeshi uyayithand­a indlela odlala ngayo, kufike omunye uthole ukuthi akayifuni,” kusho uWome.

UWome ubebolekis­we kwiOrlando Pirates ngomzulisw­ano wesibili ngesizini edlule.

“Uma ubheka isikhathi esiningi bengidlala uma sigijima kwiCAF Confederat­ion Cup. Ngemuva kweCAF ngiqalile ngahlala ebhentshin­i. Nokho ngeke ngikhulume kabi ngo-Eric ngoba ungumqeqes­hi oseqophelw­eni eliphezulu. Ukuthi akasithand­i isitayela sami akusho ukuthi sekumele ngimbambel­e igqubu,” kusho uWome.

UWome uke wamatanisw­a neCape Town City esanda kulahlekel­wa ngabadlali abamqoka. Leli qembu lihlukane noLehlohon­olo “Major” Majoro no-Aubrey Ngoma.

“Okwamanje ngisajima ngedwa. Sihlukane kamnandi neSuperSpo­rt futhi imenenja yami imatasa izama ukungithol­ela ikhaya elisha. Indaba yase-Azerbaijan yinto imenenja yami esayihlang­anisa.

Okwamanje akukabi yinto eqondile. Uma sihluleka sizozama lapha eNingizimu Afrika,” kusho uWome.

Namuhla iSuperSpor­t izobhekana neBidvest Wits, eBidvest Stadium, ngo-7.30 ebusuku.

 ??  ?? DOVE WOME
DOVE WOME
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa