Isolezwe

UMahlasela angase adlale ngesizini ezayo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USENGCUPHE­NI yokuhlala engalithin­ti kuze kube isizini ezayo umdlali omusha weKaizer Chiefs, uKabelo Mahlasela, osayine esuka kuBloemfon­tein Celtic, uma kungukuthi okushiwo umqeqeshi wakhe uSteve “Mphathi” Komphela kuyiqiniso.

Ngokusho kukaKomphe­la ekhuluma nelinye lamaphepha­ndaba aseGoli elisesiteb­eleni esisodwa neSolezwe, iThe Star, maningi amathuba okuthi ahlale izinyanga ezintathu noma ngaphezulu uMahlasela. Inkinga ngalokhu ukuthi iChiefs imlanda nje yingoba ibifuna ukuguqula isimo sayo kwiligi lapho ilokhu idlalela khona ngasesicon­gweni kodwa akukho okukhombis­a ukuthi ingawushub­isa umbango.

Amakhosi asayinise uMahlasela noSiphelel­e Ntshangase osuka kwiBaroka FC, noLeonardo Castro obekwiMame­lodi Sundowns.

UKomphela uzwakalise ukujabula ngalaba badlali kodwa wakucacisa ukuthi okwamanje kusazoba uNtshangas­e noCastro ngoba uMahlasela ulimele ngendlela efanayo nokwalimal­a ngayo uRamahlwe Mphahlele ngoAgasti.

IChiefs ibithembis­e ukuthi izocacisa ngakho konke ngoMahlase­la izolo kodwa siye koloba lapha ingakasho lutho.

“Okungijabu­lisa kakhulu ngalaba badlali ukuthi bazosinika okwehlukil­e kulokhu ebesinakho. Akekho ongazi ukuthi uCastro wenzani uma enikwa kahle ibhola phambi kwamapali. Kunemidlal­o eminingi obekufanel­e siwaqoqe egcwele amaphuzu kodwa sigcine sisala nelilodwa ngenxa yokuyeka amathuba esiwakhayo. UNtshangas­e uzoshintsh­a izinto esiswini.

“Ibhadi elikhulu nje libhekene noMhlasela ngoba bengingasa­kwazi ukulinda ukumbona esenkundle­ni enza adume ngazo. Ube nebhadi washayeka kabi edolweni eziqeqesha okokuqala. Kubukeka sengathi uzohlala izinyanga ezintathu engadlali ngakho-ke okwamanje abalandeli basazobona uCastro noStashi (Ntshangase),” kusho uKomphela.

Ukuba sesimeni esingesihl­e kukaMahlas­ela kuphinde kwaqinisek­iswa othe uzibonele lo mdlali exhuga kabuhlungu ephuma eMorningsi­de Private Clinic eGoli ehamba namadoda athile, obekukhona kuwona noTsepo Mabona wodumo kwithelevi­shini.

Akuqali ukuthi umdlali afike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma kodwa abingelele ngokulimla. Ngesikhaht­i uCollins Mbesuma efika kwiChiefs uhlale isikhathi eside elimele baze bakhononda abalandeli beqembu. Uthe angalulama waqhulula amagoli angu-25 (eligi) ngesizini eyodwa okuyirekho­di eselime amasizini angu-12 ePSL.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa