Isolezwe

UJali usazolihli­kihla eBelgium

- MINENHLE MKHIZE

ISILOMO somdlali weBafana Bafana u-Andile “Gattuso” Jali sizoqhubek­a nokuyibamb­a eBelgium.

Inkontilek­a kaJali neKV Oostende iyaphela ngoJuni futhi kuze kube yimanje ubengakayi­sayini entsha. Imenenja yakhe uMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikaJali, itshele Isolezwe ukuthi uJali usazoqhube­ka nokuyibamb­a eBelgium.

“Akhona amaqembu aseke asithinta ebuza ngesimo sikaJali. Amaqembu engikhulum­a ngawo adlala khona eBelgium naseFrance. Okwamanje sisaxoxa neqembu lakhe ngenkontil­eka entsha futhi kubukeka esazohlala kwiOostend­e. Uma ehamba usengahamb­a ngoJuni,” kusho uMakaab.

UJali (27) ushiye kwi-Orlando Pirates ngo-2014. Kuleli qembu ukhale wemuka nezicoco eziyisithu­pha kumasizini amabili. Udle izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, ezimbili zeMTN 8, eseTelkom Knockout neseNedban­k Cup.

Ngaphambi kokuthi kuphele unyaka odlule uke wamatanisw­a nokubuyela kwiPirates.

“Alikho iqembu laseNingiz­imu Afrika eselike lasithinta lithi lifuna ukukhuluma nathi ngoJali. Ukube kukhona iqembu elimfunayo ngabe kade lasithinta kodwa ngeke wazi ngoba lisavuliwe iwindi,” kusho uMakaab.

UJali usephenduk­e omunye wabadlali abamqoka kwelesizwe. Usedlale imidlalo engu-44 washaya amagoli amahlanu.

“UJali uyakhula ngakho ukugcogcom­a yinto yokugcina ayidingayo. Uma ehamba kumele kube yiqembu azofika kulona azinze,” kusho uMakaab.

UJali kubhekwe ukuthi asize iBafana izibekisel­e indawo kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngonyaka ozayo. IBafana iyiqale kahle imidlalo yokuhlunga. Kowokuqala ithele othulini iNigeria ngo 2-0 ekuhambeni. IBafana iboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Libya neSeychell­es. Imidlalo yokuhlunge­la i-Afcon izoqhubeka ngoSepthem­ba.

 ??  ?? ANDILE JALI
ANDILE JALI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa