Isolezwe

BAFAKE IMALI BAHLABANA ABAFANA BES’THENDE

-

kwiMamelod­i Sundowns.

Lokhu kungenxa yokuthi ubekubo eColombia, kukhona okuqondene naye abesayokul­ungisa.

“ULenardo Castro uziqeqeshe okokuqala eNaturena namuhla neqembu elikhulu ngemuva kokubuya eColombia,” kusho iChiefs kwiTwitter yayo izolo emini.

Naye lo mdlali uphawulile ngokufika kwakhe eNaturena lapho kulindelwe khona ukuthi asize iqembu ngokushaya amagoli.

“Ngiyajabul­a kakhulu ngokuthola ithuba lokudlalel­a iChiefs futhi ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi ngiyalibuy­isela iqembu ngokungeth­emba elikukhomb­isile kimina,” kusho uCastro kafushane.

Njengoba isonto lisephansi uCastro unalo ithuba lokuheha iso lomqeqeshi uSteve Komphela ngaphambi komdlalo wabo nePolokwan­e City ngoMgqibel­o. inombandel­a wokuyelula. AmaZulu abezimisel­e ukuqinisa iqembu lawo ngo-Anas ngoba ayawazi amagalelo akhe phambili kwamapali. Inkinga kube yitshe lemali ebelifunwa yiStars. Leli qembu kuvela ukuthi belifuna u-R3,5 million ukuze likwazi ukumdedela lo mgadli okuyinto ebalekise izikhulu zoSuthu,” kusho umthombo.

Usuthu luzohlukan­a noMabhuti Khenyeza obheke kwiLamontv­ille Golden Arrows okupheleni kwesizini. USiyabonga “Bhele” Nomvethe ugqunywa ebhentshin­i okushiya umqeqeshi noRhulani Manzini, Mhlengi Cele noSomila Ntsundwana.

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows yiyona ekhombise ukumfuna kakhulu uSandile Zuke osayine kuyona kuleli sonto kade kubikwe ukuthi uyingxenye yesivumelw­ano esikhona eqenjini abelidlale­la, iChippa United ne-Ajax Cape Town.

UPotshoza uhoshe ukuthi bese kuvunyelwe­ne ngakho konke phakathi kwe-Ajax neChippa lapho bekukhona indaba kaZuke noSamuel Julies abebezopha­mbana noBantu Mzwakali noPrince Nxumalo kodwa i-Arrows yakuguqula konke lokho ngesikhath­i yenza okushiwo yingoma ukuthi ‘fak’imali uzobona.’

Inhloko yabaqeqesh­i kwi-Ajax, uMuhsin Ertugral, icacisele iqhawe lakho uPotshoza izolo emini ngokwenzek­ile njengoba kugcine kuphambane uJulies noMzwakali kuphela.

“Usengoweth­u okwamanje uNxumalo. Naye uZuke besimlinde­le kodwa i-Arrows ibe isikhuluma neChippa bavumelana ngoba yona ibiza nokungcono kunalokhu thina ebesikubek­a etafuleni.

Ubeseze wajima nathi uZuke kodwa besingeke senze lutho uma sekuvumele­ne iChippa ne-Arrows,” usho kanje u-Ertugral.

Ngokwalo mqeqeshi uZuke (30) uyena obe esenikwa ithuba lokuzikhet­hela kodwa wabona kungcono abuye ayodlala ngasekhaya kwazise sesiside isikhathi edlala ekuhambeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa