Isolezwe

Useyafuna ‘ukupaka ibhasi’ uPitso

- SIHLE NDLOVU

KUBUKEKA sengathi ukushaywa kweMamelod­i Sundowns kwakamuva sekwenze umqeqeshi wayo uPitso Mosimane washintsha umqondo ‘ngokupaka ibhasi’ ngesinye isikhathi okuyinto ahlale ethi akahambisa­ni nayo.

Ngemuva komdlalo wezakhe nePolokwan­e City, lapho beshaywe khona ngo 3-2 uMosimane uzwakale ngemuva komdlalo ekhuluma into ebingalind­elekile kuyena.

“Ngithe kubona okungcono noma bangabe besalishay­a elinye igoli kodwa singangene­lwa yigoli..,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo.

Kusobala ukuthi uMosimane lapha ubeqonde ukuthi abadlali bakhe bekumele bavale emuva ukuze kungangeni igoli. Ngokuvamis­ile uMosimane uhlale ethi yena uthanda ukudlala namaqembu afana nePolokwan­e, Orlando Pirates neChippa United ngoba awalibali ukuhlala emuva kodwa ayahlasela umdlalo uze uphele. Kuyaxaka nokho ukuthi emdlalweni wokugcina ubesefisa nokuthi abadlali bakhe bavale emuva ukuze athole iwini ngoba ubebona ukuthi bayehlulek­a ukusebenzi­sa amathuba abebewatho­la.

ISundowns isishaywe imidlalo emibili ilandelana okwenze yahluleka ukuvula igebe esicongwen­i. Ivale u-2017 ngokushayw­a yiCape Town City ngo 1-0 njengoba iRise and Shine iyishaye ngo 3-2 ngempelaso­nto. Bese kungokwesi­bili iPolokwane ishaya amaBrazill­ians kule sizini. Emzuliswan­eni wokuqala yayishaya ngo 2-1. Kuyaphawul­eka ukuthi kuyona yomibili le midlalo uRodney Ramagalela washaya amagoli okuwina, ahamba kanjalo amaphuzu ayisithuph­a. Izolo ebusuku iSundowns ibibhekene ne-Ajax Cape Town emdlalweni we-Absa Premiershi­p eCape Town Stadium. NgoMgqibel­o inomdlalo onzima lapho izodudulan­a ne-Orlando Pirates eLoftus Stadium, ePitoli, ngo3.30 ntambama.

Igcina ukuhlangan­a neBucs iSundowns iwine ngo 3-1 ngonyaka odlule. Nokho iPirates ezobhekana nayo ibukeka ihlukile kulokhu uma uMilutin Sredojevic engezolish­intsha iqembu lakhe. EZimnyama ziwuqale kahle u-2018 zibhuquzis­a iBaroka FC ngo 3-1 ngoMgqibel­o.

Abadlali abafana noLuvuyo Memela (oshaye amagoli amabili), Musa Nyatama naye oshaye igoli noThabo Matlaba babukeka bengaba inkinga kwiSundown­s ngoMgqibel­o.

Nokho amaBrazill­ians ayaziwa ngokuhlale eyihlupha iPirates njengoba eke ayihlaza ngo 6-0 ngesizini edlule. Kuwona amaBrazill­ians kuzobhekwa uPercy Tau, Themba Zwane noHlompho Kekana ukuthi bahluphe udonga lweBucs.

Akwaziwake noma uMosimane uzoqhubeka yini nendlela yakhe yokuhlasel­a ngoMgqibel­o ngoba nodonga lwakhe lubukeka lungaqinil­e kahle ngezinye izikhathi.

nKomunye umdlalo wePremiers­hip namuhla iBidvest Wits izobhekana neSuperSpo­rt United eBidvest Stadium, eGoli, ngo-7.30 ebusuku. Womabili la maqembu izinto aziwahambe­li kahle emidlalwen­i yeligi. IWits isendaweni yokugcina kwi-log kanti iSuperSpor­t isendaweni ka-12, yize isalele emuva ngemidlalo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ubhekene nomqansa wokuphinde ashaye i-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ubhekene nomqansa wokuphinde ashaye i-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa