UJali usazolihlikihla eBelgium
ISILOMO somdlali weBafana Bafana u-Andile “Gattuso” Jali sizoqhubeka nokuyibamba eBelgium.
Inkontileka kaJali neKV Oostende iyaphela ngoJuni futhi kuze kube yimanje ubengakayisayini entsha. Imenenja yakhe uMike Makaab weProSport International okuyinkampani ephethe izindaba zikaJali, itshele Isolezwe ukuthi uJali usazoqhubeka nokuyibamba eBelgium.
“Akhona amaqembu aseke asithinta ebuza ngesimo sikaJali. Amaqembu engikhuluma ngawo adlala khona eBelgium naseFrance. Okwamanje sisaxoxa neqembu lakhe ngenkontileka entsha futhi kubukeka esazohlala kwiOostende. Uma ehamba usengahamba ngoJuni,” kusho uMakaab.
UJali (27) ushiye kwi-Orlando Pirates ngo-2014. Kuleli qembu ukhale wemuka nezicoco eziyisithupha kumasizini amabili. Udle izicoco ezimbili ze-Absa Premiership, ezimbili zeMTN 8, eseTelkom Knockout neseNedbank Cup.
Ngaphambi kokuthi kuphele unyaka odlule uke wamataniswa nokubuyela kwiPirates.
“Alikho iqembu laseNingizimu Afrika eselike lasithinta lithi lifuna ukukhuluma nathi ngoJali. Ukube kukhona iqembu elimfunayo ngabe kade lasithinta kodwa ngeke wazi ngoba lisavuliwe iwindi,” kusho uMakaab.
UJali usephenduke omunye wabadlali abamqoka kwelesizwe. Usedlale imidlalo engu-44 washaya amagoli amahlanu.
“UJali uyakhula ngakho ukugcogcoma yinto yokugcina ayidingayo. Uma ehamba kumele kube yiqembu azofika kulona azinze,” kusho uMakaab.
UJali kubhekwe ukuthi asize iBafana izibekisele indawo kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngonyaka ozayo. IBafana iyiqale kahle imidlalo yokuhlunga. Kowokuqala ithele othulini iNigeria ngo 2-0 ekuhambeni. IBafana iboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Libya neSeychelles. Imidlalo yokuhlungela i-Afcon izoqhubeka ngoSepthemba.