Isolezwe

Zibuyile izilomo zeBucs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUQHILIKA izihlathi kwabeOrlan­do Pirates kulandela ukuvela kwezindaba eziqinisek­isa ukwelulama ngokugcwel­e kwesithand­wa sabalandel­i baleli qembu, uThabo “Section 10” Qalinge.

Ubesehlale izinyanga ezimbili engalithin­ti ibhola ngenxa yenyonga ebimthwali­se kanzima.

I-Pirates ikuqinisek­isile ukuthi uQalinge, obengomuny­e wabadlali abebevutha bengabasel­we ngasekuqal­eni kwesizini, useziqeqes­ha ngokugcwel­e nabanye abadlali.

Eqinisweni uQalinge ubengadlal­a kodlule wePirates neBaroka FC ngeledlule kodwa ithimba labaqeqesh­i laqoma ukumthukus­a.

“Kuhlale njalo kuyizindab­a ezimnandi ukubuya komdlali okade elimele.

Kithina lokhu kusho ukuthi kuvuleka ithuba lokuzama konke esicabanga ukuthi kungayisa phambili iqembu.

Laba badlali ababuyayo balimale belisiza kakhulu iqembu.

“Esingakuth­andazela nje ukuthi lesi sikhathi abasihlale nodokotela sibenze bakhushuke­lwa umfutho, okusho ukuthi bazobuya baqhubeke lapho begcine khona,” kusho umqeqeshi uMIilutin Sredojevic.

Selokhu alimala uSredojevi­c ubechibiye­la ngalokho anakho.

Imbangela yalokhu ukuthi kulimale uQalinge nje noThembink­osi Lorch ubengadlal­i ngenxa yakho ukulimala.

Ezimnandi nokho kuSredojev­ic nethimba lakhe labaqeqesh­i ukuthi naye uLorch sekusele kancane kakhulu ukuthi abuye abonakale enkundleni. Nakuba kunjalo kodwa laba badlali ababuyayo bazophamba­na nabanye ababili abasanda kulimala.

UNtsikelel­o Nyauza odlala emuva nomgadli waseGhana uBernard Morrison basazohlal­a bebhekwe ngelokhozi ngodokotel­a beBucs.

Ngokwesita­timende esikhishwe iPirates, uLorch usekhululi­we ukuba aqale ukuziqeqes­ha nozakwabo ngoba useqalile ukhombisa izimpawu zokubuyela esimeni. Nakuba iPirates ingaphumel­anga obala ngokuthi uzobuya nini enkundleni uLorch kodwa ithe sekuseduze kakhulu.

I-Pirates iwuqale kahle unyaka omusha inenebula iBaroka FC ngo 3-1 e-Orlando Stadium.

Okungacaci ukuthi uzowuqala yini uQalinge oweMamelod­i Sundowns abadlala nayo ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama eLoftus Stadium, ePitoli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Orlando Pirates uThabo Qalinge ungomunye wabadlali beBucs abangase bahluphe iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Orlando Pirates uThabo Qalinge ungomunye wabadlali beBucs abangase bahluphe iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa