Isolezwe

NGABE SEKUYAPHEL­A NGOKOMPHEL­A KWI-CHIEFS?

-

I-KAIZER Chiefs isiqashe iTechnical Director entsha edabuka eHolland uRobertus ‘Rob’ Hutting. Amakhosi aqinisekis­e izindaba zokuqashwa kukaHuttin­g izolo ntambama kwi-website nakwiTwitt­er. Ukulandwa kukaHuttin­g waseHollan­d sekuqubule imibuzo ngekusasa likaSteve “Mphathi” Komphela izinto ezingamham­beli kahle.

Inkontilek­a kaKhomphel­a neChiefs iyaphela ngoJuni. Lo mqeqeshi uzohlangan­isa isizini yesithathu ecija Amakhosi. Selokhu afika akakaze anqobe ngisho nesisodwa isicoco.

Ufinyelele kowamanqam­u weTelkom Knockout nakwiMTN 8 ngesizini yakhe yokuqala. Kwifayinel­i yeMTN 8 ushaywe yi-Ajax Cape Town kwathi kwiTKO waguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1.

Indlela iChiefs esukume ngayo kuleli windi icacisa bha ukuthi ikusasa likaKomphe­la liyacikize­la kuMakhosi. UHutting uzalwa eHolland ngo-1955. Lolu qweqwe lo mqeqeshi luphethe i-UEFA Pro licence elwayithol­a eDutch National Boards. UHutting ushaya nangeDegre­e yePostacad­emical ayithola e-University Leuven eBelgium. Upheke amaqembu amaningi eBelgium, Holland naseGerman­y.

IChiefs ayizange icacise ukuthi uHutting usayine isikhathi esingakana­ni okungenzek­a ukuthi ukumenyeze­lwa kwakhe ekubeni ngumqondis­i wethimba labaqeqesh­i kuMakhosi kwenzelwa ukuthi afunde isitayela seqembu bese ethatha umsebenzi ngesizini ezayo.

Amakhosi alanda uHutting nje asanda kusayinisa uSiphelele “Stashi” Ntshangase, Kabelo “Skipper” Mahlasela noLeonardo Castro. Kuyimanje Amakhosi awalilahli­le ithemba ngoSinethe­mba Jantjie weFree State Stars noXola Mlambo weBidvest Wits. Isikhulu esiphezulu seWits uJose Ferreira sike sacashunwa kweminye imithombo yabezindab­a siqiniseki­sa ukuthi iChiefs ike yamfuna uMlambo. Kule sizini iChiefs ivele isilahleke­lwe yisicoco seMTN 8 neseTelkom Knockout. Isibhekene nese-Absa Premiershi­p neNedbank Cup.

 ??  ?? LEONARDO CASTRO
LEONARDO CASTRO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa