BAFAKE IMALI BAHLABANA ABAFANA BES’THENDE
selokhu esayine kwiChiefs esuka kwiMamelodi Sundowns.
Lokhu kungenxa yokuthi ubekubo eColombia, kukhona okuqondene naye abesayokulungisa.
“ULenardo Castro uziqeqeshe okokuqala eNaturena namuhla neqembu elikhulu ngemuva kokubuya eColombia,” kusho iChiefs kwiTwitter yayo izolo emini.
Naye lo mdlali uphawulile ngokufika kwakhe eNaturena lapho kulindelwe khona ukuthi asize iqembu ngokushaya amagoli.
“Ngiyajabula kakhulu ngokuthola ithuba lokudlalela iChiefs futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyalibuyisela iqembu ngokungethemba elikukhombisile kimina,” kusho uCastro kafushane.
Njengoba isonto lisephansi uCastro unalo ithuba lokuheha iso lomqeqeshi uSteve Komphela ngaphambi komdlalo wabo nePolokwane City ngoMgqibelo. iyaphela ngoJuni kodwa iStars inombandela wokuyelula. AmaZulu abezimisele ukuqinisa iqembu lawo ngo-Anas ngoba ayawazi amagalelo akhe phambili kwamapali. Inkinga kube yitshe lemali ebelifunwa yiStars. Leli qembu kuvela ukuthi belifuna u-R3,5 million ukuze likwazi ukumdedela lo mgadli okuyinto ebalekise izikhulu zoSuthu,” kusho umthombo.
Usuthu luzohlukana noMabhuti Khenyeza obheke kwiLamontville Golden Arrows okupheleni kwesizini. USiyabonga “Bhele” Nomvethe ugqunywa ebhentshini okushiya umqeqeshi noRhulani Manzini, Mhlengi Cele noSomila Ntsundwana.
ILAMONTVILLE Golden Arrows yiyona ekhombise ukumfuna kakhulu uSandile Zuke osayine kuyona kuleli sonto kade kubikwe ukuthi uyingxenye yesivumelwano esikhona eqenjini abelidlalela, iChippa United ne-Ajax Cape Town.
UPotshoza uhoshe ukuthi bese kuvunyelwene ngakho konke phakathi kwe-Ajax neChippa lapho bekukhona indaba kaZuke noSamuel Julies abebezophambana noBantu Mzwakali noPrince Nxumalo kodwa i-Arrows yakuguqula konke lokho ngesikhathi yenza okushiwo ‘fak’imali yingoma ukuthi uzobona.’
Inhloko yabaqeqeshi kwi-Ajax, uMuhsin Ertugral, icacisele iqhawe lakho uPotshoza izolo emini ngokwenzekile njengoba kugcine kuphambane uJulies noMzwakali kuphela.
“Usengowethu okwamanje uNxumalo. Naye uZuke besimlindele kodwa i-Arrows ibe isikhuluma neChippa bavumelana ngoba yona ibiza nokungcono kunalokhu thina ebesikubeka etafuleni.
Ubeseze wajima nathi uZuke kodwa besingeke senze lutho uma sekuvumelene iChippa ne-Arrows,” usho kanje u-Ertugral.
Ngokwalo mqeqeshi uZuke (30) uyena obe esenikwa ithuba lokuzikhethela kodwa wabona kungcono abuye ayodlala ngasekhaya kwazise sesiside isikhathi edlala ekuhambeni.