Inkosi iveza itulo labanikazi bamapulazi
emapulazini.
UCebekhulu ubesho lokhu nje umlimi waseCramond, uMnuz Phillip Walter Solomon (65), usolwa ngokubulala ngokudubula uMnuz Mothi Ngubane (42) kubangwa ukungcwaba ilungu lomndeni wakwaLembede, awufica uhlala epulazini.
USolomon ufake isicelo sokuthi adedelwe ngebheyilli eNkantolo yeMantshi eNew Hanover. UCebekhulu uthe akuyena kuphela uSolomon onqabela abantu abafica behlala epulazini ukuthi bangcwabe, baningi abalimi abenza lo mkhuba.
“Abalimi bayazi ukuthi uma sekwenziwa ucwaningo lwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kubhekwa izinto eziwubufakazi. Kulobo bufakazi kubhekwa amanxiwa, amathuna nezinye izinto ezazisetshenziswa yilowo mphakathi noma umndeni. Abalimi njengamanje balima phezu kwamathuna namanxiwa ukuze bacishe lobo bufakazi. Bayazi ukuthi ngesikhathi kuvuleka uhlelo lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa komhlaba okwesibili kwavuleka amathuba okuthi nawabo amapulazi kufakwe izicelo zokuthi abuyiswe.
Lolu hlelo olwaluvulwe ngo-2015 lwamiswa yiNkantolo yoMthethosisekelo ngo-2016 yathi akuphothulwe izicelo ezafakwa ngo-1998 kuqala.
UMnuz Gcino Shabalala weLandless People Movement (LPM), eMgungundlovu uvumile ukuthi zikhona izinto ezinjangalezi ezenziwa ngabalimi.
“Abalimi benza konke okusemandleni abo ukuthi abantu ababafice behlala emapulazini baphume. Bayazi ukuthi labo bantu kungenzeka bafake izicelo noma babe nolwazi olungaba wusizo ekuxazululweni kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kulawa mapulazi,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezoLimo KwaZuluNatal, uMnuz Themba Mthembu uthe izigameko zokubulawa kwabahlala emapulazini eziningi azibikwa.