Baboshiwe nezibhamu ezingekho emthethweni
ZIBAKHALELE bephethe izibhamu ezingekho emthethweni abasolwa abathathu abasolwa ngokuba ngongqondongqondo ekugqekezweni kwezindlu eThekwini.
Uphiko lweDurban Flying Squad lusebenzisane nenkampani yonogada izolo bajaha laba basolwa abebehamba ngeToyota Fortuner emhlophe.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-28 bebehamba emgwaqweni uNorth Coast ngesikhathi amaphoyisa ethola ulwazi ngale moto esolisayo.
Bajahiwe abasolwa, bavela bavulela ngenhlamvu bebhekise konogada nasemaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe abasolwa bazobhekana necala lokuzama ukubulala, elokutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
“Ngesikhathi abasolwa bedubula, amaphoyisa nawo adubulile. Umsolwa oyedwa udubulekile walimala. Uphuthunyiswe esibhedlela. Abanye abasolwa ababili baboshiwe. Kutholwe izibhamu ezintathu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Imoto abebehamba ngayo kutholwe ukuthi yabikwa e-Eastern Cape ukuthi yebiwe,” kusho uZwane.
Abasolwa batholwe nezinto zasendlini okubalwa kuzo ithelevishini, ubucwebe, i-laptop, umsakazo wamaphoyisa wokusebenza okuthiwa bebelalela kuwo ukuthi amaphoyisa asebenza kanjani, izimpahla zokugqoka nokunye.
Izibhamu ezitholwe kubasolwa y i-.38 revolver nezibhamu ezimbili ezincane. Lezi zibhamu zizohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenziswe kwezinye izigameko zobugebengu esifundazweni. Ngokusho kukaZwane abasolwa kulindeleke bevele eNkantolo kaMantshi yaseThekwini. Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZuluNatal, uMajor General Bheki Langa, lishayele amaphoyisa ihlombe ngokuthola izibhamu kubasolwa.
“Ngazixwayisa izigebengu ukuba zingawadubuli amaphoyisa uma efuna ukuzibopha ngoba amaphoyisa azoziphindiselela uma ehlaselwa. Sizobheka nokuthi laba basolwa ababoshiwe abafunelwa yini amanye amacala enzeke eThekwini,” kusho uLanga.