Kujabule nosomabhizinisi kubuya amatekisi eMnambithi
OSOMABHIZINISI abasebenza erenki yaseMnambithi bese becabanga ukuvala amabhizinisi abo abebephilisa ngawo imindeni yabo ngenxa yokumiswa kwamatekisi. Abantu bebeyindlala edolobheni ngoba amatekisi abengekho namabhasi ehamba ngezikhathi ezithize. Amaveni nezimoto ezincane kugcine sekumiswa ukuthi kuthuthe abantu.
Osomabhizinisi abaseduze nerenki nabezitolo bathe lesi simo sibathwalise kanzima nemali ingabonwa yize kade kuyisikhathi sikaKhisimusi lapho abantu bethenga khona kakhulu.
UNONTUTHUKO NGUBANE ukhulume nosomabhizinisi baserenki uGCINA NDWALANE wathatha izithombe.
UNkk Nomgqibelo “MaNkosi” Mthabela (54) oneminyaka engu-20 edayisa ukudla okuphekiwe erenki uthe ubesecabanga ukulivala ibhizinisi ngoba engasatholi mali.
“Ngiqale namhlanje (ngoLwesibili) ukubala imali njengoba kubuye amatekisi. Silahlekelwe yimali eningi ngesikhathi sikaKhisimusi. Bese ngisithathile impela isinqumo sokuthi ngiyayeka ngoba besivukela ubala singatholi lutho. Ngondla izingane ezinhlanu nabazukulu ngale mali. Umuzi wami ngawakha ngemali engiyenza ngaleli bhizinisi lami erenki,” kusho uNkk Mthabela.
UNksz Welile Gcaba (44) yena uneminyaka engu-21 edayisa. Uthe unezingane ezimbili azifundisayo emabangeni aphakeme nezinye azifake e-Unisa ngokudayisa ukudla erenki.
“Ngiyilokhu engiyikona ngenxa yokusebenza erenki. Ibhizinisi liphazamiseke kakhulu, silimele nje ngokuvalwa kwamatekisi kodwa sesiyajabula ngoba kuvuliwe. Sengizokwazi ukuqhubeka ngifundise izingane zasekhaya ebese zingazi ukuthi zizomisa kanjani izinyanga eziyisithupha zonke,” kusho uNksz Gcaba.
UMnuz Mxolisi Hadebe (25) uthe: “Sisebenza ngabagibeli, bebengasezi erenki ngoba amatekisi engekho. Ukumiswa kwamatekisi bekufana nokumiswa kwethu emsebenzini. Besihamba ngawo ekuseni njengoba ebengekho besingakwazi nokufika la. Namhlanje (ngoLwesibili) sizoqala ukwenza imali. Bekunzima ngoba mine iminyaka ngisebenza la awukho omunye umsebenzi engiwaziyo.”
UNksz Nonkululeko Shezi (37) uthe: “Ngidayisa izithelo kubagibeli erenki. Abagibeli bebengekho nomsebenzi ungekho. Ngiyondla ekhaya ngemali engiyenza la. Bese kunzima ukuza emsebenzini ngoba bengazi ukuthi akukho muntu erenki silimele kakhulu. UKhisimusi ubumnyama. Besikhala imihla namalanga. Sijabulela ukubuyiswa kwamatekisi, sesizoke sidayise.”