Usizi emndenini womfana obukeka ewusana entula nesibonelelo
UKHUNGETHWE wusizi umndeni womfana oneminyaka emithathu kodwa obukeka okwengane enezinyanga ezine. Usenzelwe konke kodwa akasitholi isibonelelo sikahulumeni.
USandile Mteshane (3) waseMlaza kwaM akakhulumi, ufaka inabukeni, uncela ibhodlela, uyagonwa, intamo yakhe ayiqinile. Uma egoniwe kudingeka ukuthi yesekwe ngesandla. Unina uNksz Ntombikhona Mteshane uthe esikalini ugcine engu-5kg kodwa uyacabanga ukuthi usehlile ngoba wayedla kahle ngaleso sikhathi esesibhedlela. Uma esekhaya uyehluleka ukumthengela ubisi nezinye izinto zezingane okumele azidle.
UNksz Mteshane ongasebenzi uthi indodana yakhe ayihlomuli esibonelelweni sikahulumeni ngoba isitifiketi sayo sokuzalwa saphuma sinemininingwane okungeyona, okwenza ingafani nesekhadini. Isitifiketi sibhalwe ukuthi wazalwa ngoSeptemba 2014, ikhadi lomgomo libhalwe ukuthi wazalwa ngoDisemba 2014.
Sekuphele iminyaka emibili ezama ukusilungisa kodwa kuthiwa akalinde ngoba isitifiketi sengane sikwi-system.
Lo mfana uphila ngemali yesibonelelo sikamfowabo oneminyaka eyisithupha. Ngale mali uNksz Mteshane uthi uthenga amanabukeni, ubisi oluncane nempuphu.
Uthe uyise wendodana abehlala naye kubo ngaphambi kokuthi kubonakale ukuthi ikhubazekile, wayeka ukuyondla ngemuva kokuthi kufike isihlobo sakhe samtshela ukuthi siboniswe ukuthi unina wafika ekhulelwe. Njengoba ekhubazekile nje ingoba amadlozi edininwe ukuthi akayena owakhona.
KwaMteshane kunamalungu omndeni angu-10, akekho osebenzayo. UDkt Bongani Nxumalo uthe ziningi izinto ezingaholela ekutheni ingane ingakhuli ngendlela efanele. Okunye kwako uthe ama-hormone athile angasebenzi ngendlela, ufuzo noma izinto ezithile ezenzeka ngesikhathi unina ekhulelwe noma ebeletha.
Isikhulu soMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe asitholakalanga ukuphawula, umyalezo esithunyelwe wona kuze kwayoshicilelwa singakaphenduli. Okhulumeni iSassa KwaZulu-Natal uMnuz Mbizeni Mdlalose uthe uNksz Mteshane akabonane nehhovisi eliseMlaza ayofaka isicelo seCare Dependency Grant.“Sizokwenza uhlelo lokuthi asizakale uma kutholakala ukuthi unelungelo lokuyithola,” kusho uMdlalose.