Kugqugquzelwa abasafuna izikhala emanyuvesi
ISIKHUNGO esisiza abafundi abangazifakanga izicelo zokufunda emanyuvesi kulo nyaka iCentral Application Clearing House (CACH) isisize abafundi abevile ku-20 000 abafuna izikhala.
Lesi sikhungo esingaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme siqale ukusebenza ngoMsombuluko kuleli sonto ukusiza labo abangazifakanga izicelo zokufunda nonyaka.
IPhini likaNgqongqoshe lalo Mnyango, uMnuz Buti Manamela, lihambele lesi sikhungo kuleli sonto liyohlola ukusebenza kwaso.
Uthe baningi abasebenzisa lesi sikhungo ukufuna izikhala zokufunda, abanye bafaka izicelo zoxhaso lwezimali.
“Uma ubheka olayini abebe khona phambilini, namanje uyabona ukuthi lesi sikhungo siyasebenza. Abasafuna izikhala abaqhubeke bafake izicelo kulesi sikhungo ukuze batholelwe amanyuvesi asenezikhala.” Lesi sikhungo sizovalwa ngoFebhuwari 28 nonyaka. Umnyango unxuse abafundi abachithwe amanyuvesi ukuthi basebenzise lesi sikhungo ukuze batholelwe ezinye izikhala.
Inhlangano emele amanyuvesi, i-Universities South Africa, igqugquzele abafundi ukuthi basebenzise lesi sikhungo ukufaka izicelo bangaziyeli emanyuvesi.
Ithe kodwa amanyuvesi ngeke abajikise abafundi uma sebefikile bezofuna izikhala bazoluthola usizo.
Zibalelwa ku-208 000 izikhala ezikhona emanyuvesi akuleli kulo nyaka ekubeni bebalelwa ku-150 000 abafundi abaphasa ngamaBachelor.
Abafundi bangafaka izicelo ku:www.cach.dhet.gov. za noma bashayele inombolo yamahhala ethi-0800 356 635.
Bangashaya ucingo kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-6 ntambama phakathi nezinsuku, ngoMgqibelo bashaye phakathi kuka-8 kuya ku-2 ntambama.