Hambani Kahle Zimbali Zesizwe
Kikizani bomama nize niqhebenyeke
Izintombi zenu sezihlelel’ indlela
Giyani bobaba nize nigebenyeke
Izintombi zenu seziwugcinil’ umthetho
Chwazani zintombi ezincane nezinkulu
Akwenanel’ amathafa namagqum’ eniwagqanqulayo.
Yek’ ukugcwalisek’ okunqal’ emoyeni
Zithakaseleni kuqhum’ uhleko eNyokeni
Xhawulanani nigomothelane nithakaselane ngokunqoba
Khaphuzela mama nomalusi nomeluleki
Ziqhenye mam’ ohlolayo sebekungabaza
Unganyakaz’ ezikhonkwaneni zenkolelo yakho.
Wo ngomgqakazi uzongoloza uyinsonge uthubeleza
Kuntengemul’ umhlanga kwangath’ usazimilele Wozani magug’ obaba nomama Wozani buhl’ obumoyizelelwa nasibhakabhaka
Wozani miqhakazo yezimbal’ ezingabuni
Wozani bobuhlaluse maseko esizwe
Wozani banqobi bezivunguvungu zingenakudamba
Wozani bafojisi maqhawekazi kaZulu.
Lowo muzwa wokufinyelel’ eSilweni
Uvuthondabakazi lokuthoba nokwethula umhlanga
Isimangaliso sokuhaqwa yiNdlunkulu yenanela
Ukubanda kwamancane ekufezekeni kwamaphupho
Ukwethembisa ukuqhuba impilo yokuzenqabela
Ukulangazelel’ ukuxolel’ ugogo nobabekazi.
Sazala sakhulisa salolongel’ ikusasa Sathi khula ntombi yezintombi Udlondlobal’ ube ngangezintaba zoKhahlamba
Kubikwa kanjani kwabalindel’ emakhaya
Kwabaqhafazelwa kuthiwa sesiyasuka silindeleni
Bathembis’ okumnandi abazokulungiselel’ abezayo?
Kuboshwani emzimbeni wobikelwa okungezwakali
Kuthiwe selisilahlil’ ungab’ usakhala
Ngozinyo bubula, ngegugu, ngoMbalenhle?
Thobani sizwe sikaPhunga noMageba
Amaklum’ asishiyile sikhala nezinyoni
Qoqani izincwadi londolozani okwawo