OweLio namap
UNGOMUNYE wabaculi besifazane abangene kwezwakala endimeni yomculo wokholo, ngengoma yakhe ethi, Lion Of Judah.
ULebo Sekgobela (36), bese ziningi izikhathi ngihlangana naye emicimbini yezindondo asuke eqokwe kuyona kuleli kodwa abuye kuyo elambatha.
Le ntokazi ezalwa eSebokeng, eGoli ishade noLucky Sekgobela, banamadodakazi amabili nendodana eyodwa.
Uma ngikhuluma naye ngimbuza indlela aziwa ngayo ngokuhlulwa kwakhe ubengiphendula emoyizela angitshele ukuthi konke uNkulunkulu ukwenza ngesikhathi sakhe.
Ngonyaka odlule emcimbini, amaCrown Gospel Music Awards, uLebo wakhala wemuka nendondo yeBest Gospel Album.
Kulo mcimbi wakhala izinyembezi ngendlela ayejabule ngayo wagcina engakwazi ukukhuluma esiteji izinyembezi zizehlela nje.
Ngikhuluma naye ngemuva kwalo mcimbi wathi ubengasathembi ukuthi uyoke ahlomule ngendondo.
Ubusuku awina ngabo wathi ngeke abukhohlwe njengoba le ndondo ayithola ehamba namadodakazi akhe, angajwayele ukuhamba nawo emicimbini emikhulu.
Ngibone kungcono ukuthi uqala nje unyaka ngibe nenkulumo ekhethekile naye, ngizwe ukuthi uhlele ukwenzani kulo nyaka empilweni yakhe njengoba engumama futhi eshadile.
Unandise emicimbini eminingi emikhulu ngo-2016 no-2017.
ULebo uthe kulo nyaka maningi amaphupho akhe afuna ukuwafeza endimeni yomculo.
“UNkulunkulu uhambe nami selokhu ngangena endimeni yomculo. Ukuwina indondo yami yokuqala nge-albhamu ehamba phambili kuleli endimeni yomculo, kwasho lukhulu kimina futhi kungenze ngacabanga ukuthi kumele ngiqhubeke ngisebenze kanzima nakulo nyaka,” kuchaza uLebo.
Uthe njengoba uqala unyaka nje uzohlangana netsha eyahlukene kuleli ephase u-matric, ayisize ukuthi ingafaka kanjani izicelo zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Ngibona