Angase asayine maduze kwiDowns uBrockie
INDABA kaJeremy Brockie akuseyona eyokuthi ngabe uzohamba kwiSuperSport United noma cha kepha isisekutheni uzosayina nini ekhaya lakhe elisha.
Lokhu kucaciswe yindlela akhulume ngayo umqeqeshi weSuperSport United, u-Eric Tinkler, ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe lolu nyazi lomgadli waseNew Zealand luzogcina luhambile noma luzohlala.
“Kungakuhle ubuze yena uBrockie. Indaba yakhe ilele kuyena uqobo. Engingakusho nje ukuthi umzimba wakhe ukhona nathi siyawubona kodwa ingqondo yakhe ikwezinye izindawo,” usho kanje uTinkler ebuzwa ukuthi ngabe uyahlala noma uyahamba yini lo mgadli omataniswa kakhulu nomakhelwane beSuperSport, iMamelodi Sundowns.
ISundowns sekuphele isikhathi ifuna uBrockie. NgoJuni waze wafaka isicelo sokushiya ngoba efuna ukuyodlala kwiSundowns kodwa Amatsatsantsa a Pitori agcina esichithile lesi sicelo.
Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kuBafana Ba Style udalule ukuthi iSundowns ifuna kuphele impelasonto isiqedile ngoBrockie.
“ISundowns ilwela ukuthi ibe isiqedile ngoBrockie ngoMsombuluko. Ifuna ukumbhalisa kwiCAF Champions League ngoba kuyavalwa ngoMsombuluko. Amaqembu asevumelene. Into esisele wukuthi umdlali avumelane ngezimfuno neSundowns bese eyahamba,” kusho umthombo othembekile.
Kuthintwa uThulani Thuswa weSundowns ngodaba lukaBrockie uthe: “Siyamfuna umgadli. Lokho akufihliwe kodwa ngeke sikwazi ukukhuluma ngabadlali bamaqembu esidlangaleni ekubeni benezinkontileka. Umthetho awusivumeli ukuthi senze lokho. Uma kukhona esesiqede naye yonke into sizomemezela.”
Kuthintwa uMike Makaab weProSport International okuyinkampani ephethe izindaba zikaBrockie, akazange alubambe ucingo lwakhe, belukhala kodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuyoshicilela.