UManyisa akanalo uvalo ngezakhe nePirates
AKASIBONI isimanga ngokubhekana neqembu lakhe lakudala umdlali weMamelodi Sundowns u-Oupa “Ace” Manyisa.
Kusasa ngo-3.30 ntambama iSundowns izobhekana nePirates emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. UManyisa udlale isikhathi eside kwiBucs. Ugijime kuleli qembu iminyaka eyisishiyagalolunye.
Ufike ngo-2008 waze wahamba ngonyaka odlule. Ukhale wemuka nezicoco ezimbili ze-Absa Premiership, ezimbili zeNedbank Cup, ezimbili zeMTN 8 neseTelkom Knockout.
UManyisa uke wabamba ngisho ibhande likakaputeni kwiPirates. Exoxa neSundowns, uManyisa ukubeke kwacaca ukuthi akasiboni isimanga ngokubhekana nePirates.
“Ukubhekana nePirates, akukwenzi lokho kube yinto ethusayo kimina. Ukudlala ibhola kuyingxenye yomsebenzi wami. Kumele ngingene enkundleni ngithokozele umsebenzi wami ngokufaka isandla ekutheni iqembu liphumelele. Okunye-ke akumele ngizikhathaze ngakho. Ukuthi sidlala nePirates akuyona into engizihlupha ngayo. Angisekho kwiPirates manje senginekhaya elisha,” kusho uManyisa.
Ngesizini edlule uManyisa ubekwiPirates ngesikhathi iSundowns ilobola eZimnyama ngo 6-0 eLoftus koweligi. ISundowns iyona eqhwakele njengamanje. Isiqoqe amaphuzu angu-31 emidlalweni engu-16 yeligi. Ivule igebe lamaphuzu amane kwiPolokwane City esendaweni yesibili.
Ngakolunye uhlangothi iPirates isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-16. IBucs isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiSundowns.
“Yebo sihlezi esicongweni kodwa kumele sikuqonde ukuthi ibanga okusamele silihambe liselide. Into emqoka wukubhekana nomdlalo owodwa ngesikhathi. Yonke imidlalo esiyidlalayo kumele sizinikele ngokuphindiwe. Angazi ukuthi yini okumele siyilindele kwiPirates.
“Bayiqembu eliyingozi. Badlala ibhola elimnandi elihehayo futhi lokho bakukhombisile beshaya iBaroka FC ngesonto eledlule. Abakwenzayo abafuneseli ngakho. Thina kumele sigxile kithina hhayi kwiPirates. Okwethu wukuthi siqhubeke nezinto ezinhle ebesilokhu sizenza emidlalweni eyedlule,” kusho uManyisa.
Ngomzuliswano wokuqala iSundowns ithele othulini iPirates ngo 3-1 koweligi.
“Into ebingenza ngihlale ngilangazelele ukubhekana neSundowns ngesikhathi ngisekwiPirates yingoba inkundla ibihlale igcwele. Ngikukhonzile ukudlala enkundleni egcwele izihlwele. Ngeke ngiwaqhathanise la maqembu amabili nomdlalo weKaizer Chiefs nePirates. Kowabakhaya bahlale bekhala ngokugqoza kwamagoli kodwa lo mdlalo uhlale uvulekile futhi unamagoli. Womabili amaqembu ayahlaselana. Alikho iqembu elihlala emuva ngoba womabili amaqembu ayahlaselana ngoba asuke efuna ukuwina umdlalo,” kuphetha uManyisa.