Inselelo kwabaqeqesha amaqembu aseKZN
ABAQEQESHI bamaqembu aKwaZulu-Natal (KZN), uCavin Johnson noClinton Larsen, babhekene nenselelo yokuqeda isikhwakhwalala sezinyanga behlulwa wukunqoba imidlalo kwi-Absa Premiership.
Usuthu naBafana Bes’thende sekuphele izinyanga bagcina ukunqoba umdlalo weligi. NgeSonto ngo-3.30 ntambama Usuthu luzobhekana neBaroka ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo, bese kuthi Abafana Bes’thende bamukele iSuperSport United ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini ngeSonto ngesikhathi esifanayo.
AmaZulu ne-Arrows bavule unyaka ngebatha emidlalweni yokuqala u-2018 ngempelasonto edlule. Usuthu luguqiswe yiChippa United ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium kwathi i-Arrows yashaywa yiBloemfontein Celtic ngo 2-1 eDr Molemela Stadium, eFree State.
Usuthu sekuphele izinyanga ezine lwagcina ukunqoba. Lwagcina ukunqoba ngoOkthoba 21 lushaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 ePitoli. Kulowo mdlalo amagoli ashaywa uSiyabonga Nomvethe noMabhuti Khenyeza ababuye bagqunywe ebhentshini.
Leli qembu selidlale imidlalo eyisithupha ilandelana linganqobi. NgeSonto lizobe libheke ukujika izinto kwazise lihlezi endaweni ka-13 kwi-log futhi lihlukaniswe amaphuzu amabili ne-Urban Warriors esekugcineni kwi-log.
Ngakolunye uhlangothi i-Arrows isidlale imidlalo engu11 ilandelana inganqobi. Yagcina ukunqoba iguqisa iPlatinum Stars ngo 1-0 ekuhambeni ngoSepthemba. Kusukela lapho i-Arrows ayikaze iphinde iyizwe iwini.
Khonamanjalo umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids, ufuna bazibambe ziqine namuhla lapho bezokwamukela iBloemfontein Celtic eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Umdlalo uqala ngo-8 ebusuku. ITeam of Choice iwuqale ngenothi elihle unyaka inqoba ngo 2-1 ekuhambeni ishaya i-Ajax Cape Town. Bekuwumphumela ebiwudinga ngemuva kokulahla amaphuzu amidlalweni emibili edlule. Umzuliswano wokuqala phakathi kweCeltic neMaritzburg waphela ngo 1-0.
“ICeltic kwakumele isihlule ngo 6-0 emdlalweni wethu odlule kodwa sagcina sihlulwe ngo 1-0. Kuzoba umdlalo onzima ngoba bayiqembu elihle futhi bamatasa emakethe,” kusho uDavids.
Emaqenjini aseKZN, i-United isendaweni engcono yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-15. Ukuwina kweTeam of Choice namuhla kuzoyenyusela endaweni yesine.