Izikhisi zidala umonakalo omkhulu
KWASUKA futhi lokho, okuthi masishaye ama hazard sehle komunye phezu komunye kwazise unyaka uqalile. Sekuyilo uLwesihlanu olungaliyo kwelakho eliwela umfula ugcwele. Sethembe ukuthi siwele ngokuphepha nempumelelo onyakeni omusha sha u-2018.
Sizibula unyaka ngokwaluleka abashayeli ngomonakalo ongadalwa yizikhisi emotweni yakho. Ngikhuluma nje uKhisimuzi ngiwudle endle emuva kokuthi ngithe ngisashosholoza ngomgwaqo uR614 phakathi koThongathi neBhamshela KwaThusi ngaqhamukela esiseleni esijulile, ngathi ngiqamba ngiyibamba imoto yabe isiphonsekile kwaqhuma amasondo amabili kanyekanye.
Ngenhlanhla izingane zakithi ebengizigibelisile azilimalanga nami futhi angitholanga mhuzuko. Yize benginaso isipele kodwa kudingeke ukuthi ngihambe ngiboleka amasondo kubantu abahamba ngezimoto ezigqokelana neyakithi ngokwamasondo. Yize le moto ifaka u-15” ngokwesidalo sayo kodwa ngikwazile ukuthola u-14” onezimbono ezine njengayo le makwabo.
Mangikusho ukuthi emuva kokuthola isondolo lokubolekwa ngisigqibe ngenhlabathi lesi sisele esibulala amasondo emoto yakithi. Ngibe sengicondobezela ngaya kithi. Ngenhlanhla izingane zami zonke, ngosizo lomngani wami, zikwazile ukufika ekhaya kuqala kunami ngesikhathi ngisele endle ngitakuta imoto ngilekelelwa abafowethu.
Nazi-ke ezinye izinto ezingabulawa ukuphonseka mawala kwemoto: - Kungafa ama shock absorber - Control arm/ Arm - Rubber bushes - Stabiliser - Tyre rod ends - Ball joints - Engen mountings - Air bags - Rims and tyre - CV joints nokunye okuningi Umbono wama hazard uthi uma imoto yakho ike khalakathela esiseleni, thenga amasondo amasha, uyihlole isimo sikaxhakamani othwala amasondo nokuthi ama rim awagobanga yini. Uma usuqedile ukwenza lokho yabhalanswa, kusuke sekufanele iyongena kwi-wheel alignment. Uma zonke lezi zinto esizibale ngenhla seziqinisekisiwe ukuthi azifanga, kungadingeka ukuthi uyise kubacangcathi bezimoto bayelule bayiqondise uma isinesenyelo.
Uma inesenyelo ubona ngokuthi ilokhu idonsela eceleni uma ihamba. Kwesinye isikhathi kungenzeka kuphoqeke ukuthi ugcine usuthenge yonke i-front suspension entsha ephelele.
Ngikhuluma nje nalena yakithi ebengikhuluma ngayo ize yayolulwa kubantu abasebenza umzimba wemoto ngoba abamathayi bethi kwasekonakele ngawo. Wona amsondo amasha ngiwathengile kodwa isenyelo asizange selapheke ngokuphelele.
Hhayike- kungalezo zizathuke sithi qaphela ungagcini ngokushintsha isondo kuphela emva kokukhalakathela esiseleni ngemoto. Kodwa qhubeka uhlole zonke izinto ebezingalimala. Sesicela ukuthi siwavale la ma-hazard anamhlanje, sibuyele emgwaqweni siyishaye izule insimb’yomlungu kodwa sikhumbule ukuba mehlomane emgwaqweni, ikakhulukazi ngalezi zinsuku zemvula enkulu ngoba imba imigodi ongafunga ukuthi imbiwe ngogejambazo. Masiqhubeke nokuziphatha kahle nakulo nyaka ukuze sihlangane sisaphila nangesonto elizayo. Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu kwiFacebook elithi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com