Abahlengikazi banqumele umnyango okatiki
ABAHLENGIKAZI sebenqumele uMnyango wezeMpilo KwaZuluNatal ugwayi katiki ngohlelo lokuphelezela iziguli ezisuke ziyiswa kwezinye izibhedlela.
Inyunyana yabahlengikazi iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA) ithi kusukela ngenyanga ezayo abahlengikazi abaphansi kwale nyunyana ngeke besaziphelezela iziguli ezisuke zisuka kwezinye izibhedlela zidinga usizo kwezinye.
Lokhu kulandela ukuvela kwesekhula yoMnyango wezeMpilo eveza ukuthi abahlengikazi ngeke basaziphelezela iziguli. Le sekhula ithi lokhu kuzoyekwa ngoMeyi kulo nyaka.
UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugquzeli weDenosa uthe le sekhula iphume sebevele bewubikelile uMnyango wezeMpilo ngesinqumo sesigungu sesifundazwe senyunyana, iPronvincial Executive Committee (PEC) sokuthi abasebenzi bangabe besaziphelezela iziguli kusuka ngoFebhruwari nonyaka.
Uthe umnyango ukhipha le sekhula njengempendulo ezikhalweni zabo abakade bazibika ngohlelo lokuphelezelwa kweziguli. Uthe uyikhiphe ngoba usuvele umpintsheleke ekhoneni. Uthe okubakhathazayo ukuthi noma uthi uyaluqeda uhlelo kodwa uthi lokhu kuzoze kwenzeke ngoMeyi.
Laba bahlengikazi basuke bephelezela iziguli ezisuke zihlelelwe isikhathi sokuthi kufanele ziyiswe kwesinye isibhedlela. Kwesinye isikhathi iziguli kusuke kuyiziguli ezisesimeni esibucayi, ezisuke ziyobona udokotela kwesinye isibhedlela noma ezidinga ukuhlolwa ngomshini okuleso sibhedlela. Abasebenzi bebebekwa amacala ngoba benqaba ukuphelezela iziguli.
UShabangu uthe umnyango bewulokhu uvumela ukuthi abahlengikazi baphoqwe ukuthi baphelezele iziguli uma ziyiswa kwezinye izibhedlela yize kungewona umsebenzi wabahlengikazi lo.
“Inkinga yomnyango ukuthi uyathanda ukuxazulula inkinga ngenye inkinga. Bathatha abahlengikazi ezibhedlela ezivele zishodelwa abahlengikazi bese bethi abaphelezele iziguli. Uma umhlengikazi oyedwa ehambile usuku lonke egade isiguli kusala kushoda ewodini asebenza kuyona. Kade sasibatshela lokhu,” kusho uShabangu.
Uthe abahlengikazi baphelezela iziguli bese befika behlala usuku lonke bezigadile. UShabangu uthe sisuke singekho isidingo sokuthi umhlengikazi ahambe ngoba akabe esasisiza ngalutho uma esefike naso kwesinye isibhedlela ngoba yena usuke engasebenzi kuleso sibhedlela. Uthe abalindele ukuthi abasebenzi bahlukunyezwe noma babekwe amacala ngokunqaba ukuphelezela iziguli kusuka ngenyanga ezayo ngoba nesekhula yomnyango iyakusho ukuthi akusiwo umsebenzi wabo lona.
Ngo-2015 Isolezwe labika ngokungenami kwezinyunyana zabahlengikazi ngokuphoqwa kwabo ukuthi baphelezele iziguli uma ziya kwezinye izibhedlela.
UMnyango wezeMpilo waveza ukuthi lolu hlelo lwayekwa, kwathathwa isinqumo sokuthi iziguli zihambe nabezimo eziphuthumayo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe bekuvamile ukuthi iziguli ziphelezelwe abahlengikazi. Uthe imigomo emisha ithi kufanele izibhedlela ezisuke zamukela iziguli zenze izinhlelo zokuzamukela uma zifika.
Uthe le migomo izoze iqale ukusebenza ngoMeyi ukuze izikhungo ziqinisekise ukuthi zenza izinhlelo zokuzilungiselela ukuze zikwazi ukulandela imigomo. Uveze ukuthi abahlengikazi basazoqhubeka nokuphelezela iziguli ezisuke ziphazamisekile emqondweni.