Kuqiniswa abalandeli bamaSevens idolo
I-SOUTH African Rugby Union (Saru) iqinise abalandeli bamaSevens idolo ngokuthi bazobamemezela ngokushesha abaxhasi abasha kulandela ukuxebuka kukaSteinhoff.
Le nkampani ebhekene nezinkinga zemali isanda kuxebuka ekuxhaseni iqembu lakuleli eliqala umshikashika wokuvikela isicoco seHSBC World Series.
I-Blitzbokke akuyona yodwa eshayekile ngokuhlasela komkhonyovu wokunyamalala kwemali kwaSteinhoff kepha neVarsity Rugby edlalwa izikhungo zemfundo ephakeme nayo ishayekile.
Yize kunjalo izikhulu zeSaru zinesiqiniseko sokuthi abaxhasi bakhona baningi bazimisele ngokungena ezicathulweni zeSteinhoff. Njengoba luqala ushikishi, iBlitzbokke izodlala ngejezi elibhalwe ukuthi #LoveRugby lapho bekuhleli khona uphawu lwabaxhasi (asebeshiyile).
Kwenzeka konke lokhu nje, uSeabelo Senatla odle isicoco sokuba yiWorld Rugby Sevens Player of the Year ngo-2016, uthe akasakwazi ukulinda ukuqala kule mpelasonto, eSydney, e-Australia.
Lesi siphekepheke esiwuSenatla sithe ayikho into esiyikhonze njengokuthola amathuba lapho kufanele sisebenzise khona ijubane. USenatla uthe ukuba khona kukaRosko Specman kumenza abe ngcono ngoba lo mdlali unekhono elimangalisayo lokumkhipha yedwa esikhaleni.
Kumanje, uSenatla uyena ofike kuqala kuma-try angu-200 kwiHSBC Series kodwa akakungabazi ukuthi uSpecman (oqokelwe umklomelo weWorld Rugby Sevens Player of the Year ngo-2017) ube nesandla ekukhuleni kwakhe.
“Kuzoba nzima kepha siyakholelwa ekutheni sinawo amava okusiphinda lesi sicoco. Yize kunjalo kodwa umlando nokudlala kahle kwethu uma sise-Australia kuzoba yize leze uma singasidli lesi sicoco,” usho kanje uSenatla.
Bobabili laba badlali kulindeleke ukuthi baqhubeke nokudlala ngokuhlangana uma iqembu lakuleli selizama ukubuyisa isicoco saseSydney elisidle ngonyaka odlule. Imidlalo kule mpelasonto ise-Allianz Stadium kusukela kusasa.
Imidlalo yeBlitzbokke imi kanje: Kusasa:
Blitzbokke v Papua New Guinea (9.22am).
NgoMgqibelo: Blitzbokke v Spain (6.03am); Blitzbokke v England (9.14am).