I-Arrows ayidikibele ngomphumela
AKASIBONI isidingo sokudikibaliswa umphumela owodwa ongemuhle uVusumuzi “Kanu” Vilakazi ongumqeqeqshi weLamontville Golden Arrows okuyiyona ezihola phambili kwi-log yeMultichoice Diski Challenge ezovakasha okokuqala ngqa eLimpopo selokhu yasungulwa.
Lokhu uVilakazi ukutshele Isolezwe ngemuva kokukhala ngaphansi kungalindelekile kwiPlatinum Stars ebalwa namaqembu athwele kanzima kule sizini. Okwenze waxaka kakhulu lo mphumela ukuthi Abafana Bes’thende bashaywa nje, bebedlalela ekhaya futhi yibona abathwelwe ngeqoma ukuhlwitha isicoco kwiMamelodi Sundowns.
Ngemuva kokuhambela amalokishi ahlanganisa Umlaza, Kimberly, Tsakane, Mdantsane, Kanyamazane nezinye izindawo, iSeshego Stadium, eseLimpopo yiyona ezosingatha iDiski Challenge kule mpelasonto.
Njengoba sekusele imizuliswano emihlanu ukuba isizini yeDiski isongwe, i-Arrows yiyona ezihola phambili ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-11. Abafana Bes’thende bazihola phambili nje, basethubeni lokudla lesi sicoco okwesibili kodwa ngeke kube lula njengoba bekubukeka bengakashaywa yiPlatinum.
“Angikholwa ukuthi sidlale kancane kwiPlatinum ngoba balwile abafana. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo. Kwesinye isikhathi ubhekana namaqembu asezidlalela nje akushaye ungalindele. Asikho-ke isidingo sokuxhamazela ngenxa yalo mphumela wodwa, umfutho ofakwe abafana ungiqinisa idolo. Kuseyithina esizihola phamili. Okumqoka ukuthi emdlalweni wethu olandelayo siwaqoqe egcwele ukuze sizoqhubeka nokuphefumula kahle esicongweni,” kusho uVilakazi.
I-Arrows imiswe kabi iBloemfontein Celtic neMaritzburg United esicongweni ngamaphuzu angu-22 nangu-21 ngokwahlukana. I-Maritzburg isele ngomdlalo owodwa. Ikhona emdibini ne-Ajax Cape Town ngawu-20 amaphuzu.
Ompetha iSundowns bafisa sengathi ingaphela namuhla isizini njengoba besemsileni namaqembu afana nayo iPlatinum ebiqala ukunqoba nge-Arrows ngeSonto ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. NgoMgqibelo: ESeshego Stadium: Bidvest Wits v Platinum Stars (10am); Free State Stars v Orlando Pirates (12pm). E-Ikamva Stadium: Ajax Cape Town v Maritzburg United (10am).
EWolfson:
Chippa United v Cape Town City (12pm). ELucas Moripe Stadium: SuperSport United v Golden Arrows (12pm).
NgeSonto:
Barokam FC v Mamelodi Sundowns (10am); Polokwane City v Kaizer Chiefs (12pm). EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu v Bloemfontein Celtic (12pm).