Ongakulindela ezimotweni nonyaka
UBUCHWEPHESHE bezimoto bushintsha ngesivinini. Inhloko yakwaGumtree Autos, uJeff Osborne, ithe kunezinto eziyisikhombisa abantu okumele bazibheke ezimotweni kulokhu.
Kukhona izimoto ezizishayelayo, ezizipakayo nalezo ezihamba ngogesi kwezinye zezindawo emhlabeni.
U-Orsbone ubalule izinto eziyisikhombisa abantu abangazilindela ezimotweni kulo nyaka.
Amabhande asengalweni asebenza njengokhiye. Ungashaya ibhande endaweni ethile emotweni ukuze ivuleke. Awazweli emanzini lokho okusho ukuthi ungaya ebhishi noma ejimini noma uhambe emanzile ngaphandle kokuphatha ukhiye. I-Jaguar Activity Key yiyo ezihola phambili kulokhu.
Ukuhlola imoto ngobuchwepheshe nakho kuyangenisa. Ufaka i-3-D driving experience kwiselula bese kuba ngathi usemotweni ufunde ngayo. IHyundai ingenye yezinkampani ezihamba phambili kulokhu.
Ezokungcebeleka ngaphakathi emotweni ziqala ukundlondlobala. Imoto ezishayelayo isho ukuthi umshayeli ukhululekile ukubheka amabhizinisi noma ukuzijabulisa. Ngakho lindela ukuthi lindela ukuthi lenyuke izinga lokokudlala umculo nama-screen.
Amakhamera akwi-dasg nawo aya ngokudingeka ikakhulukazi uma ufuna ukukhokhelwa wumshwalense. Ezinye izinkampani ikakhulukazi iCitroen iwakhandela ezimotweni ikakhulukazi lezo eziphambili
Ugesi we-solar kwi-windscreen usazothatha isikhathi kodwa ongoti basebenza ngokuzikhandla ukuthi imoto ikwazi ukuhamba ngogesi welanga.
Ama-battery azoba seceleni ayangenisa. Ongoti benza uphenyo nokuhlola ukuthi ahlale ezicabhen ukuthi ezokwazi ukushajeka ngokushesha futhi lokhu kungehlisa isisindo semoto.
Ukuphepha ngokwamakhompyutha kuya ngokubaluleka. Izinkampani zakha ubuchwepheshe bokuphephisa imoto kwabafuna ukuyiduna nokunye.