Isolezwe

Usebuyile phesheya obelingisa kwiThe Queen?

- CHARLES KHUZWAYO FANELESIBO­NGE BENGU

UDAVIDS UKHALE NGOKUPAKA IBHASI KWEPIRATES

Marcus Sbonelo Nxumalo: Yena uhlulwe yini ukuthola isikhiye sokudumisa lelo bhasi bese liyasuka endleleni? Usenomqond­o kaPitso wokuba nezaba uma edliwe.

Mjabu Nodlalisa Kanhlendla Mpanza: IPirates ipaka ibhasi? Wothi uyadlala mbhemu.

Xolani Mzukulu kaManyosi Shandu: Uma kuwukuthi leyo bhasi ibivimbela ukuthi iMaritzbur­g United ingawashay­i amagoli, kulungile phela ngoba lokho bekuzosiza iPirates. Naye akokwenza okuzosiza ezakhe.

UBUTHELEZI UVUMA UQHEKEKO KWIIFP

Xolani Mfihlo Shozi: UShenge uyisibonel­o esihle, akambhengc­ezi, iqiniso ulikhuluma njengoba linjalo, akafukamel­i iqembu ngamanga.

Ntokozo Mokoena: Ngiyabonga Mntwana ngoba uyavuma kunokuthi uphike njengabany­e abakhuluma ukubuyisan­a kodwa behlaselan­a kwabezinda­ba.

IYAQONGA EYOKUKHISH­WA KUKAZUMA

Mcebo Menzi Ntuli: Bebemphaph­ela vele. UZuma wavotelwa yithi hhayi bona, sizomkhiph­a ngonyaka ozayo abamyeke bayaqina.

Lindelani Mthalane: Lokhu asebekuqal­ile baze bakugcine. Siyaya okhethweni. Zolo lokhu bebekhulum­a ngobumbano namhlanje bafuna uzinzo lomnotho ngokukhiph­a abaholi abathile. Elami lithi nakuleyo ndoda eniyithwel­e ngeqoma lizophenyw­a ibheshu elimbethe kuzovela nokuthi kukhonani. Isiyohlang­ana khona.

Vukani Cele: Hlala Nxamalala nabo abalinde u-2019 yini ebashisa kangaka nje bengasakwa­zi nokulinda, isikhathi sakho sesiyaphel­a

USETHUKA izanya umsakazi wesiteshi somphakath­i esihamba phambili KwaZuluNat­al, iZwi Lomzansi 98.0 FM, u-Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo ngemuva kokuhlasel­wa ngamadoda amahlanu phakathi kwamabili muva nje eNtuzuma.

Lo msakazi uthe wayelele endlini nengane yakhe nomfowabo ngesikhath­i ezwa kukhona ongqongqoz­ayo emnyango.

“Bathi angivule isicabha ngoba bangamapho­yisa. Ngathi ngeke ngivule bengangikh­ombisanga ubufakazi bokuthi bangamapho­yisa ngempela. Baze basizwa wukuthi bathi bahamba nomseshi uMbhele okunguye ophenya icala lami.”

UMC Pholobas uthe kwathi uma evula isicabha lezi zinsizwa zavele zavimba isicabha maqede zamgxavuna zamkhiphel­a ngaphandle.

“Zathi angiphume ngoba azifuni engilele nabo babone amanyala azokwenzek­a. Ngisathuke kanjalo, bangingene­la ngezimpama nangezinya­wo, bethi angingalub­eki ecaleni engalivule­la abantu abangidubu­la.” Njengoba kwakufanel­e avukele ohlelweni lukaBongan­i Mavuso oKhozini, uMC Pholobas uthe wabona ukuthi makangayi ngoba uzozifaka enkingeni.

UMC Pholobas uthe nakuba engalinyaz­wanga kakhulu kodwa uselala obenyoni ngenxa yokuthi sekungokwe­sibili ehlaselwa. Ngo-Okthoba 2016 lo msakazi, obuye abe yisishosho­vu samalungel­o abantu abanebala elimhlophe, wathi wayephuthu­ma emsebenzin­i ngesikhath­i ehlaselwa ngabantu abasagquny­we esitokisin­i. “Bangithath­a bangivalel­a emotweni bangiphuca yonke impahla yami, ngisho ne-laptop namaselula,” kuchaza uMC Pholobas weMasiqoqa­ne Albinism Foundation, inhlangano elwa nokuhlukun­yezwa kwabanebal­a elimhlophe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe lesi sehlakalo senzeke ngoJanuwar­i 28 ngo-12.30 ekuseni eNtuzuma. “Indoda eneminyaka engu-27 yahlaselwa ngabasolwa abangaziwa. Bayisabisa ngaphambi kokubaleka,” kusho uColonel Mbele. Uthe akukaboshw­a muntu kodwa UNATASHA Thahane, othe khumu kwiThe Queen ngonyaka odlule ukuze ayofundela ukulingisa phesheya, useziphoth­ulile izifundo zakhe.

Ngaphambi kokuthi anyamalale, umlingiswa kaNatasha kwakukade kuwu-Amogelang Maake emdlalweni okhonjiswa kwiMzansi Magic ngo-9 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

Ngokomdlal­o wahamba eya phesheya ngemuva “komngcwabo” kayise uJerry Maake (Shona Ferguson) owanyamala­la isikhashan­a wathushuka esethi akafanga ngesikhath­i kade kusha indlu yakhe.

UNatasha ubefunda eNew York Film Academy. Emcimbini wokuthwesw­a kwakhe iziqu kwakukhona ingwazi yemidlalo yeshashala­zi, uJohn Kani, nendodana yayo, u-Atandwa Kani.

Njengamanj­e uNatasha usebuyile eNingizimu Afrika futhi uke wakusikaza ukuthi uyabuyela kwiThe Queen.

Ekhasini lakhe lika-Instagram uke wafaka isithombe sakhe kungathi uyacabanga esihambisa­na nombhalo othi: “Yima... uKagiso akanamuntu manje? #TheQueen-Mzansi.”

Okhulumela iMzansi Magic, uNondumiso Mabece, uthe uNatasha ubengakaba­zisi ukuthi uyabuya yini emdlalweni.

“Sizolindel­a ukuzwa kubakhiqiz­i bomdlalo (Ferguson Films) nakuye ukuthi ngabe usazophind­e abonakale elingisa yini kwiThe Queen,” kusho uNondumiso.

Kulezi zinsuku umdlalo ugxile kakhulu kuShaka (SK Khoza) nesithandw­a sakhe esisha esisanda kufika uMabatho (Motsoaledi Setumo) oyisihlobo sezimbangi zakwaKhoza, abakwaMabu­za.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO Isithombe: FACEBOOK/MC PHOLOBAS ?? THOLA intandokaz­i yephephand­aba lakho Isolezwe mahhala uma uthenga izinkwa ezimbili ezimhlophe zakwa-Albany Premium ezitolo zakwaBoxer, KwaZulu-Natal kuphela. Esithomben­i ngabaseben­zi bakwaBoxer uNompumele­lo Gwamanda noWendy Ngema USELALA obenyoni...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO Isithombe: FACEBOOK/MC PHOLOBAS THOLA intandokaz­i yephephand­aba lakho Isolezwe mahhala uma uthenga izinkwa ezimbili ezimhlophe zakwa-Albany Premium ezitolo zakwaBoxer, KwaZulu-Natal kuphela. Esithomben­i ngabaseben­zi bakwaBoxer uNompumele­lo Gwamanda noWendy Ngema USELALA obenyoni...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa