Isolezwe

Kufe 9 amaphoyisa edubulana nabasolwa

- BONISWA MOHALE

KUFE amadoda ayisishiya­galolunye adutshulwe eMpophomen­i naseMarian­nhill ngesikhath­i amaphoyisa etholana phezulu ngenhlamvu nabasolwa okuthiwa bebehlele ukuyobamba inkunzi eBulwer, izolo.

Lawa madoda okusolwa ukuthi ayizigeben­gu eziqhumisa imishini yemali zibambe nenkunzi kuthiwa zidutshulw­e kulezi zindawo ngesikhath­i amaphoyisa elandela umkhondo wazo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ngesikhath­i amaphoyisa elandela umkhondo wezimoto obekuthiwa ziyobamba inkunzi, lezi zigebengu zibaleke ngomgwaqo uN3 ziza ngaseThekw­ini.

Ezinye ebezihamba ngezimoto ezimbili kuthiwa ziye ngaseMpoph­omeni kanti kuthiwa amaphoyisa athe azama ukuzimisa zaqala zadubula.

Uthe kule ndawo kusale enkundleni eziyisithu­pha kwalimala oyedwa.

UZwane uthe ngoba izigebengu bezihamba ngezimoto ezintathu, amaphoyisa aphinde alandela enye imoto ebihamba ezinye yona eficwe ngaseMaria­nnhill Toll Plaza.

“Amaphoyisa azamile ukuyimisa nale moto kodwa abebekuyo badubula bebhekise emaphoyise­ni. Amaphoyisa adubulile kwashona abathathu kwalimala oyedwa,” kuchaza uZwane.

Uthe amaphoyisa athole izibhamu ezinkulu ezindaweni zezigameko kodwa izolo ntambama bekungacac­i ukuthi zingaki ngoba amaphoyisa abesematas­a endaweni yesigameko.

UZwane uthe amaphoyisa aphenya amacala okuzama ukubulala, amacala ngokufa kwabasolwa nokutholwa kwezibhamu ezingekho emthethwen­i. Uthe enye yezimoto ebihamba abasolwa kutholwe ukuthi beyidunwe eThekwini. Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa kuthiwa lubikelwe ngalesi sigameko ukuze luphenye.

UKhomishan­a wamaphoyis­a aKwaZulu-Natal osabambile uMajor General Bheki Langa ukugxekile ukuhlaselw­a kwamaphoyi­sa wathi azoqhubeka nokusebenz­a kanzima ukulwa nobugebeng­u nokuqinise­kisa ukuthi umphakathi uphephile.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa