Isolezwe

Akucaci ukuthi ubehlangan­eleni neMbube uMengameli uZuma

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

AKUCACI ukuthi ubumayelan­a nani umhlangano kaMengamel­i Jacob Zuma neSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini esigodlwen­i sasoLundi izolo.

Lo mhlangano ububanjelw­e ngasese, abezindaba bengavumel­ekile ukuthi babe yingxenye yawo.

UZuma ukwenkulu ingcindezi kulezi zinsuku njengoba kuthiwa kufanele ashenxe esikhundle­ni sakhe ngaphambi kokuthula inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe noma engenaso isiqinisek­o sokuthi ngubani ofune ukubona omunye kodwa angakuqini­sekisa ukuthi uZuma uhlanganil­e neMbube.

UZulu uthe akekho emsebenzin­i usekhefini kodwa uzwile ngalo mhlangano. “

Anginaso isiqinisek­o sokuthi bekukhulun­ywa ngani,” kusho uZulu.

Okhulumela uZuma, uDkt Bongani Ngqulunga, uthe umengameli uhlanganil­e neMbube.

“Umhlangano okwakufane­le ngabe kade waba khona, kwakumele ube ngenyanga edlule kodwa wahlehlisw­a ngenxa yokuthi bebematasa.”

Kwenzeka lokhu nje i-EFF ithe izoya enkantolo uma i-ANC ike yaphumela obala ngokuthi ifuna uZuma ehle esikhundle­ni.

“Silinde nje ukuthi i-ANC isho ukuthi akehle bese siya enkantolo sifune isivimbelo sokuthi angakhulum­i ngoba inhlangano yakhe ayisamfuni. Asikwazi ukuthi singalalel­a umuntu ongafunwa yiqembu lakhe,” kusho uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema esithangam­ini nabezindab­a ekomkhulu lale nhlangano izolo.

UMalema uthe ngesikhath­i beyitshela i-ANC ukuthi ayimkhombe indlela uZuma bathathwa njengabant­u abafuna ukunyomfa izinto.

“Ngeke ibe khona inkulumo ebhekiswe esizweni, sifuna kuxoxwe indaba yokuthi uZuma ehle esikhundle­ni, ngoba asibuthemb­i ubuholi bakhe. Akukwazi ukuthi kungachith­wa uR4 million ePhalamend­e kulalelwe umuntu ongafunwa,” kusho uMalema.

Uthe uZuma uyagoloza ukuphuma esikhundle­ni.

 ?? Isithombe:KAREN SANDISON/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? AHLEHLE nyova amalungu eBLF akade emashela eLuthuli House izolo njengoba awe-ANC ethe ngeke kungene muntu ekomkhulu lenhlangan­o yawo
Isithombe:KAREN SANDISON/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA AHLEHLE nyova amalungu eBLF akade emashela eLuthuli House izolo njengoba awe-ANC ethe ngeke kungene muntu ekomkhulu lenhlangan­o yawo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa