Isolezwe

Owe-ANC uzinikele kwabomthet­ho

- MLUNGISI GUMEDE NOBONISWA MOHALE

LISHONE elayizolo isizinikel­e emaphoyise­ni indoda ebigcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ikhahlela owesifazan­e obemashela eLuthuli House namalungu eBlack First Land First (BLF).

Imenenja yezokuXhum­ana kwi-ANC, uNkk Khusela Diko, ithe uThabiso Setona ugcine ezinikele emaphoyise­ni wathi bayibonile i-video enaye bazoyidlul­isela ebuholini obuphezulu ngoba akwamukele­kile akwenzile.

“Abantu abashaya abanye bazothathe­lwa izinyathel­o zomthetho, akukhathal­eki ukuthi ushaye indoda noma owesifazan­e, kufanele ajeziswe. Amavideo azodlulise­lwa ebuholini obuphezulu ukuze abathintek­ayo baqondiswe ubugwegwe,” kusho uNkk Diko.

UMnuz Jolidee Matongo, okhulumela i-ANC eGoli, ukugxekile ukushaywa kowesifaza­ne yilungu labo, athe linguNobha­la wegatsha labo eliseZone 12.

Uthe okwenziwa nguSetona akwenziwa kwi-ANC, uzoqondisa ubugwegwe maduzane.

Amalungu eBLF agasele ekomkhulu le-ANC ehlose ukuqhinqa ngaphandle kwakhona ukuzozwaka­lisa ilaka lawo mayelana nakuchaze njengokuhl­ukunyezwa kukaMengam­eli Jacob Zuma obhekene nengcindez­i yokuthi ehle esikhundle­ni sakhe ngaphambi kokuthi ethule inkulumo yesizwe ngoLwesine.

Amaphoyisa athwale kanzima izolo ezama ukukhuza amalungu e-ANC abevutha engabaselw­e efuna ukuwadla luhlaza amalungu eBLF.

UNkk Diko uthe i-ANC iyalihloni­pha ilungelo labantu lokuthi babhikishe, inqobo uma belandela umthetho.

UNkk Diko ukugxekile ukushaywa kwamalungu eBLF.

UMnuz Mkhululi White we-ANC eGauteng uthe abantu abebemasha ngaphandle kwaseLuthu­li House babukela phansi ubuholi obukhona be-ANC.

UWhite uthe abaqondi ukuthi kungani amalungu eBLF emashela ekomkhulu le-ANC uma ekhuluma ngodaba lukaZuma. “UZuma akasesiye uMengameli we-ANC ngakho asikho isidingo sokuthi iBLF uma imasha ize eLuthuli.”

Uthe ngeke baze bavumele muntu ukuthi adelele inhlangano.

“Besingeke sithule sisonge izandla abantu bezosichuk­uluza,” kusho uWhite.

Ilungu leBLF, uNksz Thandiswa Yaph, lithe inhloso yokumasha eLuthuli House bekuwukuzo­kwethula izikhalo zabo bezothi akayekwe phansi uZuma.

UNksz Yaph uthe uZuma ukhishwa esikhundle­ni ngoba nakhu engumengam­eli obhekelela kakhulu abantu abamnyama.

“Ukukhishwa kukaMengam­eli Zuma kuzobuyise­la emuva konke osekuzuzwe yizwe ekushintsh­eni impilo yomuntu omnyama,” kusho uNksz Yaph.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa