Isolezwe

‘Sekulele kuZuma ngodaba lwakhe’

- MHLENGI SHANGASE noMLUNGISI GUMEDE

INGCABHA isele noMengamel­i Jacob Zuma ukuthi ehle esikhundle­ni noma aqhubeke nomsebenzi wakhe kuze kuphele unyaka ozayo.

Lokhu kuvezwe abahlaziyi bezepoliti­ki abathi uma egcina ngokuzisul­ela esikhundle­ni iPhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa lizobamba ekuholeni izwe.

Abahlaziyi bathi uma igcina ifinyelela ePhalamend­e eyokungabu­thembi ubuholi bakhe ekhishwa ngevoti kuyosho ukuthi iKhabhinet­hi izohlakazw­a, ongqongqos­he namaphini abo balahlekel­we ngumsebenz­i.

UMnuz Lukhona Mnguni, ofundisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe sekulele kuZuma ukuthi ehle noma angehli.

Uthe uma egcina ngokusula nguRamapho­sa ozobamba.

“Uma ehla ngaphambi kokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine, nguRamapho­sa ozothula inkulumo. Izinto zizoqhubek­a kuze kuqokwe umengameli. Umengameli wamaJaji okumele anqume usuku ukuze kuvalwe isikhala kodwa zingakaphe­li izinsuku ezingu-30,” kusho uMnguni.

Uthe i-ANC izama ukuyibalek­ela eyokuthi kube nevoti lokungabut­hembi ubuholi bukaZuma ngoba baningi abantu abayolahle­kelwa yisinkwa.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Ralph Mathekga, uhambe emazwini kaMnguni wathi nguRamapho­sa okumele abambe uma kusula uZuma. UMathekga uthe ayikho into evimba uRamaphosa ukuthi abambe esikhundle­ni sikaZuma uma esula.

Uthe uma uZuma engasuli, amaqembu aphikisayo azophakami­sa ukungabuth­embi ubuholi bakhe.

“Isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bukaZuma sinomthele­la omubi ngoba uma ehamba uhamba nabeqembu lakhe kwiKhabhin­ethi, ngeke uKhongolos­e uyivume leyo nto,” kusho uMathekga.

UMnguni uthe uma uRamaphosa engathandi ukubamba kungaqokwa omunye umuntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa