Umzukulu ezikhindini kufa isihlobo
UBOSHWE nabangani bakhe ababili umzukulu wesalukazi (76) esidutshulwe nomunye umzukulu waso (14) bafa emaNsekwini, eNquthu, ngoMgqibelo.
Abafile kade behlaselwa nguNkk Layiwe Mchunu nomzukulu wakhe, u-Alwande Mathonsi.
Umzukulu kuthiwa uboshwe ngeSonto ebusuku ngemuva kokuthi yena nabangani bakhe besolwa ngokuhlasela emzini kaninakhulu ayemnuka ngokumthakatha ngoba ephathwe wuhlangothi.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe umzukulu uvumile ukuthi nguyena owahlasela ngemuva kokuthi amaphoyisa efike kubo ezolanda uyise ezomphenya.
“Indaba kuthiwa yaqala kudala ngokugula kukanina womzukulu. Kwasolwa ukuthi nguye uninakhulu oloya umakoti wakwakhe. Kwavela izindaba zokuthi ngisho izinto zabazukulu kazikhanyi nje yingoba uninakhulu uyabaloya. Kuthiwa umndeni waluxoxa udaba lwase luyadlula,” kusho iphoyisa.
Indaba ibuye yasuka ngemuva kokuthi kugule umzukulu.
“Ukhale ngokuthi uyazi ukuthi wuninakhulu obemthakatha njengoba uhlangothi belusho ukumjuqa. Wathi ulinde ukuthi asinde, wahamba wayofuna imali yokuqasha izinkabi ukuze zibulale uninakhulu. Kuthiwa wayehlose ukubulala wonke umuntu egcekeni kuhlanganisa noyise wakhe omncane kodwa wangamfica ngosuku abahlasela ngalo,” kuchaza iphoyisa.
Kuthiwa ngosuku lokuhlasela bafica uninakhulu enomzukulu wakhe kodwa uyise omncane esemsebenzini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kuka-28 no-43 aboshiwe avela enkantolo yaseNquthu izolo ngecala lokubulala kodwa idokodo lisesenkantolo.