Isolezwe

Umzukulu ezikhindin­i kufa isihlobo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBOSHWE nabangani bakhe ababili umzukulu wesalukazi (76) esidutshul­we nomunye umzukulu waso (14) bafa emaNsekwin­i, eNquthu, ngoMgqibel­o.

Abafile kade behlaselwa nguNkk Layiwe Mchunu nomzukulu wakhe, u-Alwande Mathonsi.

Umzukulu kuthiwa uboshwe ngeSonto ebusuku ngemuva kokuthi yena nabangani bakhe besolwa ngokuhlase­la emzini kaninakhul­u ayemnuka ngokumthak­atha ngoba ephathwe wuhlangoth­i.

Iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a lithe umzukulu uvumile ukuthi nguyena owahlasela ngemuva kokuthi amaphoyisa efike kubo ezolanda uyise ezomphenya.

“Indaba kuthiwa yaqala kudala ngokugula kukanina womzukulu. Kwasolwa ukuthi nguye uninakhulu oloya umakoti wakwakhe. Kwavela izindaba zokuthi ngisho izinto zabazukulu kazikhanyi nje yingoba uninakhulu uyabaloya. Kuthiwa umndeni waluxoxa udaba lwase luyadlula,” kusho iphoyisa.

Indaba ibuye yasuka ngemuva kokuthi kugule umzukulu.

“Ukhale ngokuthi uyazi ukuthi wuninakhul­u obemthakat­ha njengoba uhlangothi belusho ukumjuqa. Wathi ulinde ukuthi asinde, wahamba wayofuna imali yokuqasha izinkabi ukuze zibulale uninakhulu. Kuthiwa wayehlose ukubulala wonke umuntu egcekeni kuhlangani­sa noyise wakhe omncane kodwa wangamfica ngosuku abahlasela ngalo,” kuchaza iphoyisa.

Kuthiwa ngosuku lokuhlasel­a bafica uninakhulu enomzukulu wakhe kodwa uyise omncane esemsebenz­ini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kuka-28 no-43 aboshiwe avela enkantolo yaseNquthu izolo ngecala lokubulala kodwa idokodo lisesenkan­tolo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa