Uyise kaSenzo Meyiwa ujabule ngokubhalwe kwiTwitter
UYISE wowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, uMnuz Sam Meyiwa uthe ubeselwazi lonke udaba olubhadlazwe enkundleni yokuxhumana uTwitter, oludalule imininingwane ngokubulawa kwalo mdlali.
UMeyiwa uthe ujabulile ngokuvela kwalolu daba emphakathini ngoba kuchaza ukuthi bakhona abafuna kuvele iqiniso ngokubulawa kwendodana yakhe.
Ngempelasonto, ikhasi leTwitter elisebenzisa igama lowayengummeli womsubathi u-Oscar Pistorius, u-Adv Barry Roux (@AdvBarryRoux), lishicilele imininingwane ‘ngokwenzeka’ ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo Meyiwa. Ikhasi okubhalwe kulona ukuthi akulona elalo mmeli, lidalule ukuthi umbulali kaSenzo ungomunye wabantu ababekhona kubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26, 2014.
Kuphinde kuvele nokuthi lolu daba luyanyathelwa.
Ephawula ngalolu daba uMeyiwa uthe ujabule kakhulu ukuthi lolu daba seluqala ukuvela esidlangaleni.
“Ngiyayazi yonke le nto ebikhulunywa, ngake ngayizwa phambilini. Banesibindi kabi kabi laba bantu. Ngizwa kukhona ukujabula nethemba ngoba umhlaba usuyamnciphela umbulali,” kusho uMeyiwa.
Uthe kuyamphoxa ukuthi ngesikhathi ethintwa abamaphephandaba kusukela ngoMsombuluko ekuseni, amaphoyisa abengakaze amthinte ukumazisa ngobekuphawulwa ngalolu daba.
“Kusangiphatha kabi futhi nokubona amanye amacala amakhulu exazululwa kodwa elendodana yami kuvele kube sengathi kwabulawa intuthane nje,” kuqhuba uMeyiwa.
Uthe uyethemba ukuthi umuntu obebhala ngalolu daba kuTwitter uzomthinta maduze babone ukuthi yini abangayenza.
Ngesikhathi kuthintwa okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Vuyo Mhaga, uthe amaphoyisa asaphenya ngokubulawa kukaSenzo.
“Akukho okusha okukhona kodwa uma sekukhona sizoxhumana nomndeni,” kusho uMhaga.
Ebuzwa ngokubhalwe ezinkundleni zokuxhumana uthe abaphawuli ngezinto ezibhalwe emakhasini ezinkundla zokuxhumana.
Kuthintwe uLinda Moeketsi okhulumela uKelly wathi akukho abazokuphawula ngalolu daba.
UChicco Twala akathandanga ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa yiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe,iThe Star, uvele wathi akaphuwuli ngezindaba ezingekho.