Isolezwe

Uyise kaSenzo Meyiwa ujabule ngokubhalw­e kwiTwitter

- MCEBO MPUNGOSE

UYISE wowayengun­ozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, uMnuz Sam Meyiwa uthe ubeselwazi lonke udaba olubhadlaz­we enkundleni yokuxhuman­a uTwitter, oludalule imininingw­ane ngokubulaw­a kwalo mdlali.

UMeyiwa uthe ujabulile ngokuvela kwalolu daba emphakathi­ni ngoba kuchaza ukuthi bakhona abafuna kuvele iqiniso ngokubulaw­a kwendodana yakhe.

Ngempelaso­nto, ikhasi leTwitter elisebenzi­sa igama lowayengum­meli womsubathi u-Oscar Pistorius, u-Adv Barry Roux (@AdvBarryRo­ux), lishicilel­e imininingw­ane ‘ngokwenzek­a’ ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo Meyiwa. Ikhasi okubhalwe kulona ukuthi akulona elalo mmeli, lidalule ukuthi umbulali kaSenzo ungomunye wabantu ababekhona kubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26, 2014.

Kuphinde kuvele nokuthi lolu daba luyanyathe­lwa.

Ephawula ngalolu daba uMeyiwa uthe ujabule kakhulu ukuthi lolu daba seluqala ukuvela esidlangal­eni.

“Ngiyayazi yonke le nto ebikhuluny­wa, ngake ngayizwa phambilini. Banesibind­i kabi kabi laba bantu. Ngizwa kukhona ukujabula nethemba ngoba umhlaba usuyamncip­hela umbulali,” kusho uMeyiwa.

Uthe kuyamphoxa ukuthi ngesikhath­i ethintwa abamapheph­andaba kusukela ngoMsombul­uko ekuseni, amaphoyisa abengakaze amthinte ukumazisa ngobekupha­wulwa ngalolu daba.

“Kusangipha­tha kabi futhi nokubona amanye amacala amakhulu exazululwa kodwa elendodana yami kuvele kube sengathi kwabulawa intuthane nje,” kuqhuba uMeyiwa.

Uthe uyethemba ukuthi umuntu obebhala ngalolu daba kuTwitter uzomthinta maduze babone ukuthi yini abangayenz­a.

Ngesikhath­i kuthintwa okhulumela uMnyango wamaPhoyis­a kuleli, uMnuz Vuyo Mhaga, uthe amaphoyisa asaphenya ngokubulaw­a kukaSenzo.

“Akukho okusha okukhona kodwa uma sekukhona sizoxhuman­a nomndeni,” kusho uMhaga.

Ebuzwa ngokubhalw­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a uthe abaphawuli ngezinto ezibhalwe emakhasini ezinkundla zokuxhuman­a.

Kuthintwe uLinda Moeketsi okhulumela uKelly wathi akukho abazokupha­wula ngalolu daba.

UChicco Twala akathandan­ga ukuphawula ngalolu daba ngesikhath­i ethintwa yiphephand­aba elinguzakw­abo weSolezwe,iThe Star, uvele wathi akaphuwuli ngezindaba ezingekho.

 ??  ?? OWAYENGUNO­ZINTI we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, owadutshul­wa washona ngo-Okthoba 2014 eVosloorus, eGoli
OWAYENGUNO­ZINTI we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, owadutshul­wa washona ngo-Okthoba 2014 eVosloorus, eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa