Isolezwe

Akukuhle ukushayela uphatheke kabi

-

UKUHLULWA wukulawula imizwa ushayela kuyingozi njengokuth­umela umqhafazo ushayela nokushayel­a uphuzile, ngokusho kocwaningo lwakamuva oluveza ukuthi abashayeli bangena emgwaqweni bephatheke kabi bese bedala izingozi noma bahlulwe wukulawula ulaka.

Ngokocwani­ngo lwenkampan­i yomshwalen­se, iDiscovery Insure, siphezulu isibalo sezigameko zokufa kwabantu emgwaqweni ezidalwa wukuhlulek­a wukulawula ulaka kubashayel­i.

UMnuz Themba Baloyi, ongumqondi­si kwaDiscove­ry Insure, uthe ukushayela ungaphathe­kile kahle kunomthele­la ofanayo nokusebenz­isa ucingo ushayela.

“Ukubhekana nesimo esingasihl­e ngokomoya ngesikhath­i ushayela kungakupha­zamisa okudlula ukusebenzi­sa ucingo ushayela,” kusho uBaloyi.

Uthe sebekwaze ukulandele­la bathole ukuthi zingakanan­i izibalo zezigameko ezenzeka zidalwa abantu abasuke bephazamis­ekile. Izibalo zabo zikhombisa ukuthi u-10% wabashayel­i abasuke beshayela bephazamis­ekile basethuben­i elikhulu lokudala ingozi uma beqhathani­swa nabantu abasuke bengaphaza­misekile.

Kulindelek­ile ukuthi uma umuntu ephatheke kabi aphazamise­ke ekutheni enze izinto okulindele­ke ukuthi azenze osukwini njengokuse­benza nokuthatha izinqumo. Ngokusho kwemiphume­la yocwaningo nasemgwaqw­eni kuba yinto efanayo.

Imiphumela iveza ukuthi ukuphathek­a kabi, ukukhathaz­eka kakhulu, ukhwantala­la nokujabula kakhulu konke kungaba nomthelela ekutheni umuntu athathe izinqumo ezingahole­la ekudaleni ingozi noma ukuyivika.

Uma umuntu ezizwa engaphathe­kile kahle kungenzeka agcine eseshayela ngokungana­ki futhi aphuze ukuthatha izinqumo ezingavike­la yena nahamba nabo emgwaqweni.

UBaloyi uthe ukwehlisa umoya kungasiza ukugwema izigameko eziningi zodlame olwenzeka emgwaqweni.

“Ukwehlisa amazinga okhwantala­la nokuzama ukucabanga imicabango eyakhayo kuyasiza ekutheni ukwazi ukubhekana nezimo zempilo. Okunye okubalulek­ile wukuzinika isikhathi esanele sokulala uvocavoce umzimba. Kuyasiza nokuzama ukuthola izindlela zokumelana nokucasuka nezinye izimo ezingadala ukuphazami­seka empilweni yonkana – kubaluleke kakhulu lokhu ukuze siqiniseki­se ukuphepha emgwaqweni,” kusho uBaloyi.

Nazi ezinye zezinto abathole ukuthi zingasiza abantu bangazitho­li sebephazam­iseka emoyeni uma beshayela nokungasiz­a ukugwema izigameko zodlame nezingozi emgwaqweni:

Hlela ukuphuma endlini kusenesikh­athi. Ungaphumi usutatazel­a.

Ungalunaki ucingo nemiyalezo esuke ingena kulona uma usushayela.

Yehlisa umoya uma usushayela uzijwayeze nokuphefum­ulela phansi njalo emuva kwemizuzu embalwa.

Ungagxili emaphuthen­i enziwa abanye abashayeli emgwaqweni ngoba lokhu kungadala ukucasuka okungenasi­dingo.

Kubaluleki­le ukuzijwaye­za ukucabange­la abanye abashayeli uma usemgwaqwe­ni.

Gwema ukugijima nokungena phambi kwabanye abashayeli ungazange ukhombise kusenesikh­athi ukuthi ufuna ukungena. Lokhu okunye okuholela ezigamekwe­ni zezingozi nezingxaba­no phakathi kwabashaye­li,

Kungcono ukuma endaweni ephephile wehlise umoya uma kukhona into ekuphethe kabi kakhulu. Ukulalela umculo okujabulis­ayo nakho kuyasiza ekutheni umuntu ehlise umoya emgwaqweni.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UKUHLUTHUK­A uma ushayelisw­a kabi kuyingozi njengokuth­umela umqhafazo ushayela ngokocwani­ngo
Isithombe: SIGCINIWE UKUHLUTHUK­A uma ushayelisw­a kabi kuyingozi njengokuth­umela umqhafazo ushayela ngokocwani­ngo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa