Ushone idudulana namaphoyisa
KUSHONE umsolwa kwalimala oyedwa ngesikhathi amaphoyisa edubulana nabasolwa eClermont izolo ekuseni.
Kuthiwa abanye abasolwa abane babalekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe izolo ekuseni amaphoyisa ophiko lwe-Inner and Outer Cluster Tactical Response Team eThekwini abenomkhankaso wokulwa nobugebengu ngesikhathi ebona imoto ebisolisa inabantu abayisithupha phakathi eWyebank.
Uthe amaphoyisa azamile ukuyimisa imoto kodwa yabaleka. Amaphoyisa ayijahile yaze yafika emgwaqweni uFirst Avenue, eMvuzane eClermont.
UZwane uthe abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyiseni nawo adubula, imoto yabasolwa yashayisa.
Omunye umsolwa utholwe lapho kushayise khona imoto. Umsolwa wesibili oneminyaka engu-36 utholwe eduze kwehlathi enamanxeba okudutshulwa. Lo msolwa ugcinwe esibhedlela lapho egadwe khona amaphoyisa. Abanye abasolwa babalekile kanti endaweni yesehlo kutholwe izibhamu ezimbili ezincane emotweni yabasolwa.
UZwane uthe imoto kutholakale ukuthi beyebiwe.
“Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanti kuyaphenywa ngokufa kukamsolwa,” kusho uZwane.
UKhomishana wamaphoyisa osabambile esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, ukugxekile ukuhlaselwa kwamaphoyisa. Uthe amaphoyisa azozivikela uma ehlaselwa yizigebengu.