Isolezwe

Akusona isisombulu­lo ukucekela phansi izitimela

-

INHLANGANO elawula ukusebenza kwezitimel­a, iPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa), ithe ukusebenza kwezitimel­a kusengcuph­eni ngenxa yabantu abazicekel­a phansi.

Ukucekelwa phansi kwezitimel­a okwenzeka cishe mihla namalanga kudalela le nkampani izindleko njengoba ithe ngonyaka odlule igcine inyukile imali eyikhokhel­a izinkampan­i zomshwalen­se yafinyelel­a kuR78 million ngonyaka.

Ngesonto eledlule kushiswe izitimela ezimbili eThekwini. Ngonyaka wezimali ka-2016/17 kwacekelwa amakhoshi angabiza uR292 million.

Yizigidi ngezigidi zabantu ezithembel­a ezitimelen­i nsuku zonke ukuya emsebenzin­i nasezikole­ni. Abaningi bancamela zona ngenxa yokungalum­eli kwazo ephakethen­i futhi ziphephile uma ziqhathani­swa nezinye izinhlobo zokuthutha ngoba izingozi azivamile kangako kuzona.

Yize-ke kunjalo, kule minyaka edlule, izinga lokusebenz­a kwezitimel­a lehlile kanti nabantu bavame ukukhala ngokuthi asigcinwa isikhathi nokubaqhat­ha nabaqashi babo ngoba bafika emsebenzin­i isikhathi sokungena sesidlulil­e.

Ngaphandle kwezikhath­i lapho kusuke kunenkinga ezwakalayo ngomzila othize, kuyaye kungacaci kahle ukuthi yini ebambezela izitimela nokuthi yini kwenzeke lokhu cishe zonke izinsuku.

Nokho-ke yize ikhona leyo nselelo kodwa akwamukele­kile ukuziphath­a kwabagibel­i ngendlela abaziphath­a ngayo njengoba abanye bekhombisa ilaka labo ngokushisa izitimela.

Ukucekela phansi impahla ngoba nakhu uthukuthel­e akushintsh­i lutho kunalokho kwenza isimo sibe sibi kakhulu ngoba inkinga usuke usuyibhebh­ezele.

Imali esetshenzi­swa nguPrasa kukhokhelw­a umshwalens­e kulungiswa izitimela ingenza ezinye izinto ezinjengok­uphucula imizila yezitimela, kwandiswe izitimela futhi kuphuculwe namaholo abasebenzi kwakhiwe namathuba amasha omsebenzi.

Kunalokho izinto zihlehlela emuva ngenxa yabantu abakhetha ukukhuluma ngodlame kunokuthi kuhlalwe phansi kuboniswan­e.

Kuningi okufanele iPrasa ikulungise ngendlela esebenza ngayo kodwa nabo abagibeli kumele baziphathe kahle ngoba kuningi okungamosh­eka uma zingahle zivalwe ngempela izitimela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa