Isolezwe

Akujulwe ngenzika yokuthatha­na kwababili

-

KUKHONA izinto zesintu ezishiwoyo kodwa kungenatsh­wa ngazo. Engifuna ukukhuluma ngakho namhlanje yindaba yomgcagco. Ngokwesint­u, zintathu izinto ezisemqoka nezishiwoy­o ngomgcagco: (i) umalokazan­e akuyena owakho owamakhehl­a, (ii) umalokazan­e ulandwe ngabadala, (iii) kufanele alotsholwe athelwe ngenyongo kuphambane izinhlango­thi zezinkomo ukummisele­la adondoloze­le aze abe yisalukazi lapha ekhaya. Ilokhu kokuthathu okwenza kuthiwe isehlukani­so asikho ngokwesint­u.

Abantu abaningi namhlanje abashadile nabagcagci­le (la magama womabili asho okungefani ‘ukushada’ ‘nokugcagca’ oshadile owenze ngesilungu saseNtshon­alanga, esontweni, ogcagcile ophelelisw­e ngokwesint­u, waqhoyiswa wathelwa ngenyongo), abasalali ndawonye ekameleni abanye sebeshiyen­e uzwe kuthiwa ubaba wasishiya usethole umamncane, kokunye bayahlukan­isa, abanye sekwachith­eka konke.

Inkinga enkulu yalokhu ukungaqond­i nokungafun­i ukujula ngenzika yokuthatha­na kwabantu ababili, okuthiwa uma bethathana abangabi zihlobo uma kukhona ubuhlobo kufanele kucelwe ngesilwane, nakhona uma lobo buhlobo busezingen­i lo gogo. Ngamafuphi sichithwa yimfihlo yokuqonda ukuthandan­a kwababili kuze kuyofika sebenquma ukuthathan­a babe yindoda nomfazi.

Okulihlaya kulokhu ukuthi ngaphambi kokuthi ababili bathathane, basuke beqale ngokuthand­ana kwamnandi, kamuva kwayibona asebenquma ukuba ngumfazi nendoda bakhe umuzi, kungekho muntu bethatha leso sinqumo. Umbuzo bese uthi: “konakalaph­i uma sekugcagci­we?” Impendulo imfihlo yokuthanda­na kwababili esifihlelw­e yona izidalwa noNkulunku­lu.

Ngizonikez­a impendulo ngesengiku­bonile ngakwenza esigodlwen­i saseMlambo­munye, nocwaningo esengiliph­othula oluzogcina luphuma njengencwa­di esihloko sithi Umsamo: Nomgcagco ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

Cishe kuneminden­i engaphezul­u kuka50 esengiyisi­zile okunamhlan­je okufanele ngabe sebahlukan­isa ubaba nomama. Kusukela kwabakade sebelala ngokwehluk­ana, abanye sebeshiyen­e, abanye sebefake izehlukani­so, abanye sebehluken­e uqobo lokwehluka­na. Konke kungezizat­hu ezehlukene.

Ngizoqala ngababili namhlanje asebongoma­khosi abagcine bethwasa eMlambomun­ye, abafika sekuyinkuk­hu nembodla ubaba nomama, okwathi uma kutholakal­a kwaba ukuthi umama kufanele amukele idlozi kade engafuni. Namhlanje imizi imile babambana ngezandla, umndeni wonke ufudumele.

Ziningi izimbangel­a zokuthi nithi senithathe­ne bese kuchitheka: imvamisa abantu abaningi abaganayo bagana nezalukazi okuba esasekhabo mama kokunye kube esakubo, lapha kufanele kube khona ukuhlanjul­ulwa bese kuhlangani­swa imimoya kokunye sigcine isalukazi samukeliwe naso emzini nomalokaza­ne, okunye kube ukwembatha. Uma nembethe nobabili lokho kwembatha kwangalung­iswa macala womabili kuba yinkinga.

Okunye kuba ukungaphel­elisi amalobolo kube khona okusalayo okukhalele­kayo, kumbe kukhona phakathi kwenu umama noma ubaba owakhulisw­a okungeyena ubaba nomama wakhe, wase wangabongw­a kodwa bakunike umendo, kamuva bahlakaze konke.

Okunye kube yisibongo komunye phakathi kwenu nobabili. Akusho ukuthi kube yisibongo sakho sikababa noma sikamama kodwa uma uhlehla ungena ugxila emsamo womunye uthole ukuthi kukhona lapho kwaphamban­a khona izinkulumo zesibongo. Okunye kube wumsindo, owaba khona komunye wenu nkathi efika emhlabeni. Ake sithi ubaba kababa wasekhaya kumbe kamama ngenkathi unina emkhulelwe kwaba khona ukuphikwa nomsindo othizeni lokho kuyathula kuyokuthi makhathale­ni bese kuba yisithiyo sokuba nendlakadl­a emshadweni wenu nobabili.

Okokugcina ukugolozel­ana kwamadlozi lapho omunye engafuni ukwamukela idlozi nomsebenzi walo, njengomakh­osi engikhulum­e ngabo, kulapho impela umshado uhambe namanzi njengomful­a.

Kukhona-ke lapho ubaba engaziphat­hi kahle aze acasuke umama wekhaya, umbuzo uthi usuke ezenzelani na? Kusuke kukhona okukhalele­kayo. Kunabamnum­zane abenza izinto othi uma umama wekhaya ekubikela uthole ukuthi ziyanyanti­sa kanti usuke engazenzi yingoba kukhona okusuke kufanele kusukunyel­we kubhekwe. NgoMsombul­uko ozayo ngoFebhuwa­ri 12 ngizobe ngigubha iminyaka engu-35 ngagcagcel­wa wuMaDuma kodwa lokhu akusho ukuthi angizange ngadlula eziwombeni zokuthola ukuthi yini eyasihlang­anisa, okuyiyona esasiphili­sayo nanamhlanj­e. NANSI INDABA Ninobabili kusuka umsindo ekhaya, buzani konakeleph­i? Bhedlindab­a (033) 5691317/ 0797471911/ 0728972001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa