Isolezwe

Ushone idudulana namaphoyis­a

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSHONE umsolwa kwalimala oyedwa ngesikhath­i amaphoyisa edubulana nabasolwa eClermont izolo ekuseni.

Kuthiwa abanye abasolwa abane babalekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe izolo ekuseni amaphoyisa ophiko lwe-Inner and Outer Cluster Tactical Response Team eThekwini abenomkhan­kaso wokulwa nobugebeng­u ngesikhath­i ebona imoto ebisolisa inabantu abayisithu­pha phakathi eWyebank.

Uthe amaphoyisa azamile ukuyimisa imoto kodwa yabaleka. Amaphoyisa ayijahile yaze yafika emgwaqweni uFirst Avenue, eMvuzane eClermont.

UZwane uthe abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyise­ni nawo adubula, imoto yabasolwa yashayisa.

Omunye umsolwa utholwe lapho kushayise khona imoto. Umsolwa wesibili oneminyaka engu-36 utholwe eduze kwehlathi enamanxeba okudutshul­wa. Lo msolwa ugcinwe esibhedlel­a lapho egadwe khona amaphoyisa. Abanye abasolwa babalekile kanti endaweni yesehlo kutholwe izibhamu ezimbili ezincane emotweni yabasolwa.

UZwane uthe imoto kutholakal­e ukuthi beyebiwe.

“Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nokutholak­ala nezibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i kanti kuyaphenyw­a ngokufa kukamsolwa,” kusho uZwane.

UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile esifundazw­eni, uMajor General Bheki Langa, ukugxekile ukuhlaselw­a kwamaphoyi­sa. Uthe amaphoyisa azozivikel­a uma ehlaselwa yizigebeng­u.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa