UDolly uya eziveza kwiMontpellier
KULOKHU kujwayeleka eqenjini lakhe laseFrance kumdlali weBafana Bafana, uKeagan Dolly, ophinde waba nesandla ekwenzeni kahle kweMontpellier elokhu inombele njalo kwi-log yesigaba esikhulu iLeague1.
Ngesikhathi efika eqenjini elinqobe ngo 2-1 kwi-Angers ngoMgqibelo, uDolly uthwale kanzima eqiwa yijezi ekhona kodwa waqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. Esuka kwiMamelodi Sundowns ubethwelwe ngeqoma ukuthi uzofika angene khaxa e-Europe kodwa kwacaca ukuthi akulula.
Le ligi ithwalise kanzima uKermit Erasmus obengaqali ukudlala phesheya kwezilwandle. Nakuba u-Erasmus ethwele kanzima kwiStade Rennes, uDolly uya ngokuya uyaziveza. Ngempelasonto wakhe elinye lamagoli abanqobe ngawo ngaphambi kokuphunyuzwa ngomzuzu ka-68.
Omunye umdlali weBafana odlala kule ligi uLebohang Phiri weGuingamp, ubesenkundleni umdlalo wonke leli qembu linqoba ngo 1-0 kwiRennes (asemabhukwini ayo u-Erasmus yize elizwa ngendaba ijezi). Lo mdlalo ubungeSonto.
Okunguyena okumhambela kahle kunabo bonke abadlali bakuleli abazinze e-Europe uThulani Serero osanda kuzidingisa yena kwiBafana ngoba ekhala ngokubizelwa eqenjini kodwa angadlaliswa.
Uwudlale wonke iqembu lakhe iVitesse linqoba ngo 2-0 kwiGronigen ngoLwesihlanu ebusuku.
IGronigen, eyake yadlalelwa uGlen Salmon wodumo kwiSuperSport United, idlalelwa ngumgadli oseke wathi qu kwiBafana uLars Veldwijk. Ugcine engenile lo mdlali owungqwazi imizuzu ewu-25 yokugcina kodwa wehluleka ukuphazamisa uSerero. E-England, uKamohelo Mokotjo udlale imizuzu ewu-76 ngesikhahti iBrentford enephupho lokudlala amaPlay Off kwiChampionship yaseEngland, ikhala ngaphansi ngo 3-0 uvela kwiDerby County ebalwa nazobe ekhona kubangwa ukukhuphukela kwi-English Premiership ekupheleni kwesizini. No-Andile Jali weKV Oostende akadlalanga bebambana ngo 1-1 neZulteWaregem.
UMay Mahlangu ubedlala kwiDinamo Bucuresti idlala kuba u 2-2 neCS Craiova Dinamo.
ETurkey uLebohang Manyama ubengaboshelwe iKonyaspor ibambana ngo 1-1 ne-Istanbul Basaksehir.
Kuthiwa uTokelo Rantie usexoshiwe kwiGenclerbirligi emuva kokungaziwa kwakhe ukuthi ukuphi kusukeka ngoOkthoba.