Ubuyele ekwethuleni ezezitimela uZwane
USEFUNA ukuba nohlelo oluthi yena uLangalakhe “Mangethe” Zwane ozakhele udumo ngokumemezela ukuhamba kwezitemela emsakazweni Ukhozi FM.
UMangethe ubuyele emoyeni ngoDisemba wonyaka odlule ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ngoNovemba ka-2015. “Ngashiya kwaPrasa ngoba sengithi ngiyophumula. Kuyaziwa ukuthi umsunguli wento ushiya isikhala esikhulu uma ehamba. Yingakho bangilanda ukuthi ngizobasiza ukuqeqesha abakhona ukuxhumana ngendlela nabagibeli ngoba besinikana inhlonipho uma kukhuluma umuntu ofana nami.”
UMangethe, ohlala eMlaza, uthe kusukela eshiyile usungule izinkampani ezimbili. Enye ayingenisi inzuzo futhi usiza ngayo umphakathi ngezinto ezahlukene.
“Inkampani efaka amarobhothi amasha ezitimela iBombardier yangicela ukuba ngibe wumxhumanisi phakathi kwayo neDelangokubona ngoba kwase kume umsebenzi. Sakhuluma kahle nabo umsebenzi waqhubeka. Mina ngiwumxhumanisi phakathi kweBombardier nabenza umsebenzi,” kuchaza uMangethe.
Ngaphandle kwalokhu isikhathi sakhe ubuye asichithe ngokuthi aye ejimini eyozivocavoca.
UMangethe uthe ufikelwe wumqondo wokuthi ufuna ukuba nohlelo lwakhe lokufundisa abantu ngezinto ezahlukene. “Ulwazi siyalufihla kakhulu. Ngifuna ukuqeqesha abantu futhi bahlome ngolwazi. Ngike ngabona nje behlasela ikhansela bekhala ngokuthi amanzi abanawo. Ikhansela alisebenzi emnyangweni wamanzi. Ngiyafuna ukuthi kube khona umsakazo onginikeza ithuba ngibaqeqeshe abantu bakithi ukuze bangagcini sebethatha izinqumo ezingafanele ngenxa yokungazi.”
Uthe okumenza abe yintandokazi ekwethuleni izitimela, okuwumsebenzi awuqala ngo-2010, wukuthi ubuye agadle nangamancoko “njengamadolo ka-fishi”.