Ithuba lokuvuselela imininingwane kubavoti
KUZOVULWA ithuba lokuthi abavoti bayovuselela imininingwane yabo bafake namakheli eziteshini zokuvota ngenyanga ezayo.
Ikhomishini ebhekele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) izovula ithuba lokuthi abavoti bakwazi ukuya ezikhungweni zokuvota ukuze bagcwalise le mininingwane ngoMashi 10 noMashi 11 njengoba kunokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu se-IEC, uthe zonke iziteshi zokuvota ezingu-22 612 zizobe zivuliwe kusuka ngo-8 ekuseni zivalwe ngo-5 ntambama.
Uthe kuzobe kubhaliswa abazovota, kuvunyelwe labo abashintshe indawo yokuhlala asebehlala kwenye indawo ukuthi babhalise kabusha kuphinde kusizwe labo abafisa ukufaka amakheli abo kule nhlangano.
“Ukhetho kulindeleke ukuthi lube ngoMeyi kuya ku-Agasti 2019. Kubalulekile ukuthi abantu babhalisele ukuvota ikakhulu njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo ngo-2016 yasinika kuze kube uJuni kulo nyaka ukuthi siqinisekise ukuthi bonke abavoti banamakheli,” kusho uMamabolo.
Uthe basebenzise neminye imininingwane abayithole kwa-SASSA, Telkom, Post Office, uMnyango wezaseKhaya neStats SA. Bangu-25.8 million abantu ababhalisele ukuvota, kulaba abangu-19.4 million abanamakheli aphelele, u-3.5 million amakheli awaphelele kuthi u-2.8 million awunawo nhlobo amakheli. UMamabolo uthe nyakenye bathule uhlelo lokuthi abavoti babhalise amakheli abo ngeinternet. “Siyadinga ukuthi umphakathi uphume uyobhalisela ukuvota ufake namakheli ikakhulu intsha eno-16 weminyaka enomazisi.” Abaya eziteshini zokuvota abaphathe omazisi noma omazisi besikhashana.
“Akudingeki incwadi eveza ukuthi umuntu uhlalaphi. Silindele ukuvula izikhungo zokuvota noMashi kanti siyabanxusa abavoti ukuthi baphume ngobuningi babo.”
Abafuna ulwazi bangashayela ku-0800 11 8000 phakathi nezinsuku. Abafuna ukubheka ukuthi amakheli abo akhona kwa-IEC bangathumela iSMS ku-32810 bafake inombolo kamazisi kule SMS.
Abantu bangaya nakwi-internet ku:www.elections.org.za/MyIEC/ Account/Register) ukuze babhalise amakheli abo.
Abavoti bayanxuswa ukuthi babhalise amakheli abo ngaphambi kokuphela kukaMeyi nonyaka.