Kumele uhehe umphako ophathiswa ingane esikoleni
INGANE idinga ukwenzelwa umphako ohehayo ukuze iwuqede esikoleni, ingabuyeli nawo ekhaya.
Lokhu kushiwo nguNksz Nono Mbuyisa ongumpheki neNutritionist, okhuthaza abazali ukuthi babe nezindlela ezahlukene ukwenza umphako wezingane. Njengoba kusanda kuvulwa izikole, baningi abazali abadunyelwa amakhanda ukuthi liyophela nini isonto benza umphako. Abanye bagcina beziphathisa umphako ofanayo izingane ngoba bengazi ukuthi yini abazoyenza.
UNksz Mbuyisa uthe ingane kumele iphathe umphako onempilo kodwa akusho ukuthi abazali kumele baqale phansi bathenge izibiliboco. Uthe bangasebenzisa lokhu abanako emakhabetheni nasemafrijini ukwenza umphako ohehayo.
“Okubalulekile ngesitsha somphako sengane ukuthi kumele sihehe. Izingane azifuni ukuphatha umphako kodwa uma uheha ziyawujabulela. Uma ingane ibona isinkwa sisikwe ngenye indlela, iyasidla icabange ukuthi sehlukile. Siyazi ukuthi azizifuni nezithelo kanti kubalulekile ukuthi njalo ngosuku zibe khona esitsheni. Ngeke ingane isidle isithelo uma sifakwe sinjalo esitsheni kodwa kumele siqotshwe ngendlela ehehayo,” echaza.
Ulinganise ngokuthi kungaqotshwa izinhlobo zezithelo, zichonywe ezintini ezibizwa ngamakebab sticks ukuze ingane iheheke. Iwolintshi uthe kumele lihlutshwe, lifakwe esitsheni seliyizingcezu.
Echaza ngokunye okungaphathiswa ingane, ubale isinkwa esicojozwe eqandeni sathoswa, esibizwa ngeFrench toast. Lokhu kuyayiphumuza ingane ukuthi ingalokhu idla isinkwa esijwayelekile. Ungawafaka nama-mini pie esitsheni noma uqobe imikhwepha yenkukhu uyifake kwi-wrap, ugcobe imayonaise ufake nolethisi.
“Akubalulekile kakhulu ukuthi ingane iphathani, inqobo nje uma kunempilo. Okubalulekile ukuthi kubukeke kuheha enganeni,” kusho uNksz Mbuyisa.