Awangacindezelwa amalungelo amaciko akhiphe Inxeba
KUYAPHOXA ukuthi ngemuva kweminyaka engu-21 uMthethosisekelo wabekwa, kusakhona abacindezela amalungelo abanye abantu.
Isigaba sika-16 soMthethosisekelo siveza ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuveza akucabangayo (Freedom of expression), kuze kube nesigatshana esicacisa ukuthi amaciko nawo anelungelo lokucikoza noma ukuveza imibono yawo ngobuciko.
Ngempelasonto leli lungelo linyathelwe ngezinyawo ngabantu abaphikisana nokubukiswa emabhayisikobho kwefilimu evutshelwe kuleli Inxeba.
Le filimu ikhuluma ngesiko lakwaXhosa lokusokwa kwezinsizwa entabeni. Kuyo kuxoxwa indaba yezinsizwa ezimbili ezithandanayo nesisola ukuthi yikho okususe uthuthuva njengoba ivaliwe emabhayisikobho akwaNu Metro ngemuva kokusatshiswa kwabasebenzi bakhona ngabangafuni ibukiswe.
Sisola ukuthi yindaba yokuthandana kwezinsizwa esuse uthuthuva ngoba indaba yokusokwa entabeni, okubizwa ngokwaluka kwaXhosa, kade kwasa ixoxwa futhi kubikwa nangayo kungabi khona sikhalo.
Abavikela le filimu bayakuveza nokuthi encwadini exoxa ngempilo kaNelson Mandela, iLong Walk To Freedom, kuyachazwa ngokwenzeka entabeni uma kuyosokwa ngakho akukho okusha okuvezwa yile filimu.
Nanoma yini eyenzeka emhlabeni, ngeke ize ithandwe yiwo wonke umuntu kanjalo nemibono iyehluka.
Kepha eNingizimu Afrika uMthethosisekelo uyasiphoqa ukuba sibekezelelane ngokwemibono ngoba wonke umuntu unelungelo lokuba nombono nokuwuveza ngaphandle kokusatshiswa nokuhlukunyezwa.
Nayo le filimu vele bakhona engeke yehle kahle kubo kepha amaciko analo ilungelo lokuxoxa futhi aqophe amafilimu ngezinto ezenzeka ezweni lethu.
Kumangazile ukuthi kwababekhala ngale filimu kukhona nabangamaciko esilinde ukuthi baliqonda kahle ilungelo lokucikoza.
Masingabuyiselani emuva ngokucindezela amalungelo abanye kepha masisabalalise imiqondo yethu sibekezelelane ukuhambisana noMthethosisekelo.