Izimakethe zihlomulisa osomabhizinisi bendawo
SIKHULA NGOMNOTHO
ANGIYIKHOHLWA intokozo engaba nayo eminyakeni ewu-10 eyedlule ngiqala ukubona imakethe yaseMona KwaNongoma. Yize bengijwayele ukuthenga emakethe eseNdundulu eShowe kodwa ngabona okuhlukile ngeMona.
Yize ngingenalo ulwazi olujulile ngeMona kodwa ake ngikubeke esithombeni. Okokuqala nje iMona yindawo enkulu ebiyelwe ethi ayibe yisibaya phakathi koNongoma naKwaHlabisa. Ngosuku lwemakethe, engatshelwa ukuthi kuba uLwesine, uthola yonke into ongayicabanga ethengiswa emakhaya. Ngingena nje ngahlangana nezinkomo engatshelwa ukuthi zisendalini, uma ngiqhubeka ngathola umbila owosiwe. Ngathi uma ngibuza ukuthi bakhokha malini ukuze bakwazi ukudayisa ngatshelwa ukuthi akukho mali abayikhokhayo. Ngikholwa wukuthi kuningi engingakwazi ngeMona kodwa ngibethulela isigqoko labo abeza nomcabango omuhle kangaka.
Kuthe eminyakeni emihlanu edlule ngabona iZamimpilo endleleni esuka eMtubatuba ngiyosebenzela eMkhuze. Nayo le ndawo yangihlaba umxhwele ngoba ihlanganisa abakhiqizi namakhasimende, iningi lawo okuyizivakashi ezisuke ziyongcebeleka eHluhluwe nakwezinye izindawo. Kuleli sonto ngidlule khona eZamimpilo ngahlabeka umxhwele ngibona isakhiwo esisha ngaphesheya kwalesi esidala naso sigcwele imikhiqizo. Okuphinde kuncomeke kakhulu wukuthi umphakathi wakule ndawo unawo umqondo wokuhweba ngoba ubona izithebe zilengiswe yonke indlela ukusuka eMtuba uyofika eHluhluwe.Kuyadumazake ukuthi aziziningi lezi zindawo, empeleni cishe azidluli ngisho esandleni esisodwa lapha KwaZuluNatal. Noma kunjalo abantu bayaqhubeka badayise emgaqweni beshiswa yilanga. Ngokusobala lezi zimakethe ziyadingeka.
Izimakethe zineqhaza elibaluleke kakhulu ukuhlanganisa abahwebi nabathengi. Phela lonke ibhizinisi lisekelwe amakhasimende, ngaphandle kwawo kayisho lutho imikhiqizo ngisho ingenziwa ngobuciko obunjani. Ngisho ungazikhiqizeli ngokwakho uyakwazi ukuthengisa imikhiqizo yabanye abantu wenze inzuzo.
Kuningi okuhle ngalezi zimakethe, okokuqala nje wukuthi zinegama okwenza abantu bazi ngazo bese beza kuzo. Okunye wukuthi zinendawo yokugcina impahla ephephile kanti kuningi abahwebi abafundisana khona.
Uma kwenzeka ngithenga eNdundulu ngiqinisekisa ukuthi ngithenga kubantu abehlukene. Okwangimangaza ngelinye ilanga wukuthi ngithi ngithenge kubantu abehlukene kodwa ngikhokhe kumuntu oyedwa. Ngathi uma ngibuza bathi benzela ukungangibambezeli njengekhasimende, bona bazohlukaniselana imali bodwa.
Lezi zimakethe akudingi ukuthi kube izakhiwo kuphela, imicimbi yokungcebeleka ingahlanganiswa nokuhweba kuqhubeke ibhizinisi. Isibonelo umcimbi weDundee July exhasa abasiki bengqephu abasafufusa. Umkhosi womhlanga esinye isibonelo somcimbi engicabanga ukuthi ungathuthukisa amabhizinisi abantu. Ngisho phakathi emadolobheni asemakhaya siyazidinga izimakethe abantu abazothola imikhiqizo yethu khona. Ukwakha izimakethe ezibekelwe abantu bendawo iyona ndlela yokuhlomulisa osomabhizinisi bendawo ukuze bakhule. Lezi zimakethe kufanele zibe khona ngisho nasemalokishini. Akudingi ukuthi kuze kube nezakhiwo uma kusaqalwa. Ezindaweni zabelungu namaNdiya kuba nezimakethe njalo ngempelasonto. Nathi singakwenza lokhu ezindaweni zethu ukuze imadlana yethu ijikeleze emphakathini wethu. Umbuzo okungenzeka ukuthi uyafika ngothi ngubani okufanele akhe lezi zimakethe? Anginayo impendulo eqondile kodwa ezinye zalezi ezikhona zakhiwe ngomasipala. Akukho lutho futhi oluvimba usomabhizinisi ukuthi akhe ebese eqashisa abanye abafuna ukuhweba. Ngakolunye uhlangothi kufanele abantu sibanike izizathu zokuthenga kulezi zimakethe. Kungaba wukuzikhohlisa ukucabanga ukuthi abantu bayothenga kithina ngenxa yebala nje kuphela, abantu bathenga ikhwalithi. Kuyosiza-ke sigxile ekuletheni imikhiqizo esezingeni eliphezulu.
Ukuhweba kuwumsuka webhizinisi, yonke imikhiqizo kufanele ithengiselwe amakhasimende. Kubalulekile ukuthi sisondele kuwona amakhasimende ukuze kungabi umsebenzi ukuthenga. Lokhu kuyiqiniso akukhathaleki ukuthi sidayisa endaweni noma emazweni omhlaba, ukuhweba kuqala ngokubeka ikhasimende phambili. Ngokwakha izimakethe emiphakathini yethu sisondeza imikhiqizo ebantwini ngesikhathi sikhulisa amabhizinisi ethu. Okukhuthazayo wukuthi imali yethu ishintshana phakathi kwethu okuyingqikithi yokukhula komnotho wethu.
Sishayele ku 031 829 5820. Sithinte kule email address mfundoa@gmail.com. Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWealth group.
Hheshe!