Unenzondo nje Mshengu ngoSomnandi
MHLELI: Ngicela ukuphawula ngencwadi engiyifunde ephephandabeni ebhalwe nguMpha Shabalala. Okungiphathe kabi wukuthi ugxeka umculi esimkhonzile nobahloniphayo abantu uThokozani Langa, uSomnandi.
Uthe uThokozani usezoyocula emgwaqweni ngoba sekuhambe uDladla noGcwensa iNdidane emhlabeni. Uphinde wagqamisa nokuthi uzehlisa isithunzi ngokuyocula emgwaqweni. Uyazi Mshengu ngizwa uthi uyawuthanda umculo kaSomnandi kodwa angikholwa. Unenzondo nje ngoSomnandi futhi ukuba ubunenhloso yokwazi ubuzofuna inombolo yocingo lwakhe umshayele akuchazele kahle ngakwenzayo.
Wumculo lo akusiwo umswenko nokupensa kodwa wumsebenzi. Ukuthuthukisa umculo ngokuwusa kubantu kuyinto endala. Uma kuthiwa kuyoculwa emgwaqweni lokho akuchazi ukuthi umculi useyocula noma kuphi kodwa inhloso wukuthi kusuke kuyiwa kubantu kuyothuthukiswa umculo. Kunamadolobha angasenazo izitolo zomculo manje uthi abenzenjani abantu abakulezo zindawo ngoba nina umculo senawuqopha koma-USB anisawuthengi. Akukho okubi uma umculi eyocula emarenki ngoba abantu yilapho bekhona. Umculo uwiswa ngala maCD eniwenza amakhophi nama-USB.
Kuma albhamu uSomnandi awakhipha usacindezelekile umculo kamaskandi kukhona ethi Izibiliboco, Imiyalo nethi Qhunsu Mehlo Kade Ngangibona. Lawo ma-albhamu wayewacula emarenki.
Emva kwalokho wathuthuka umculo abantu bawubulala ngama-USB ningasawuthengi ezitolo. Nina futhi senithi abaculi bayahlupheka kodwa nibe nazi kahle ukuthi umculo wabo aniwuthengi.
Umculo ungumsebenzi abaziphilisa ngawo abaculi. Ngeke baqashwe ndawo uma umculo wabo ungathengwa.
Awukhombisi nje ukuthi uSomnandi uyigazi lakho ngendlela owenza ngayo. Uma uthi makavakashele abalandeli bakhe uthi makeze emakithi? Njengamuphi umculi owenza lokho? Okokugcina ngicela ubuze uma ungazi ngezinhlelo zikaSomnandi ukuze sikuchazele. Nandosi Sangweni INXUSA LIKASOMNANDI