KUBANJWE UMOYA NGOKULULAMA KWESIHLABANI SE-CHIEFS
USTEVE “Mphathi” Komphela opheka iKaizer Chiefs utshele uPotshoza ukuthi yena akayona indoda ejwayele ukuminca kodwa kulokhu uphoqelekile ukuthi awubambe umoya ngokululama kukaPhilani Zulu ungakafiki umdlalo weNedbank Cup neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo.
Lo mdlali waseMphithi ushayeke kabi eqakaleni ngesikhahti iChiefs icazelana amaphuzu neBidvest Wits ngoMgqibelo eGoli. UKomphela uthe akaboni ukuthi kuzoba lula ukubhekana ne-Arrows engekho lo mfana.
“Amaqembu afana ne-Arrows kufanele akuthole unabadlali abaphelele ngoba into asuke eyizele kuwena ukuzokuphazamisa bese ekuzuma ungalindele. Angifuni ukuqagela ngoba ngizoze ngone izinto kodwa kufanele ngikumincele ukululama kwakhe. Ngiyazi kusamele abhekwe kahle odokotela kodwa engikubonile sengathi ubhinyilike iqakala. Esesingakwenza nje ukumincela ukuthi kungabi kubi kangako,” kusho uKomphela.
Bathathu kuphela abadlali asebedlale imidlalo engaphezulu kwesidlalwe uZulu. ukwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi bamaqembu esizwe amancane.
Lezi zindaba zihlaluke ngesikhathi uPotshoza elumana indlebe nesikhulu esiphezulu kwiSafa, uDenis Mumble.
Leli qhawe elingalali ubusuku nemini limdonse eSe-Oman, e-Arab, uMumble.“Sinezingxoxo zokuthi uMolefi Ntseki simnyusele eqenjini lika-Under 20 bese kuthi elika-Under 23 lithathwe nguThabo Senong. Lokhu kuyasiza ngoba abadlali abakwi-Under 20 asebezodala kwiUnder 23 bebevele besebenza noThabo kanti abaka-Under 17 asebezoya kwi-Under 20 bebesebenza noMolefi. UQuinton Fortune naye sihlela ukumnika elinye lamaqembu amancane. Okwamanje asikasithathi isinqumo,” kusho uMumble.
Lokhu kuchaza ukuthi uFortune kungenzeka anikwe iqembu lesizwe lika-Under 17.
“Abaqeqeshi bamaqembu esizwe sifuna basebenzisane. UMolefi nje usiza eqenjini lesizwe lika-Under 17 labesifazane elizama ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eFrance. Ngempelasonto bashaye iMorocco ngo 5-1 futhi sekusele kancane ukuthi bazibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba. NakwiBanyana Banyana sike simthumele uNtseki,” kusho uMumble.
Lesi sikhulu siphinde saqinisekisa ukuthi uFortune no-Aaron Mokoena baseyitoho eqenjini lesizwe.