‘Ubulale’ uninakhulu ngephini obelwa
IVELE enkantolo kuleli sonto indoda (26) yaseMondlo ngecala lokubulala uninakhulu (67) owayelamula ilwa nomzala wayo.
Icala lika Mnuz Mlungisi Ngema lihlehliselwe uMsombuluko.
Uninakhulu kaNgema, uNkk Nora Ngema, waseSigodini, eMondlo, kuthiwa washayeke kanzima ekhanda ngesikhathi ezama ukulamula abazukulu bakhe.
UNkk Ngema washaywa ngoMgqibelo emagcekeni akwaNgema kade kunomsebenzi wokubuyisa isihlobo.
UNkk Ngema washonela ekhona lapho. Amaphoyisa afike abopha umzukulu, uNgema, okuthiwa nguyena owayeshaye uninakhulu ngephini.
Umndeni uthe akucaci ukuthi abazukulu, abasebephuze kakhulu, bebebangeni.
UNksz Bonisiwe Ngema, unina kaMlungisi nendodakazi kamufi, uthe uphithene ikhanda ngokwenzekile.
“Angazi nokuthi ngingayichaza kanjani le nto evele la ekhaya. Bekunomsebenzi ngoMgqibelo sizihlalele wonke umuntu eneme. Kulwe umfana wami (uMlungisi) nenye indodakazi kadadewethu. Sonke sizamile ukulamula kwaze kwabizwa amaphoyisa ukuthi azobopha indodana yami. Kuthe kusenjalo ngisekameleni nengane kadadewethu eshayiwe, ngezwa abantu behayiza bethi indodana yami ishaya umama. Ngifice umama eselele phansi. Ngithathe indodana ngayiphuca induku. Umama ubesethule, eseshonile,” kusho uNksz Ngema. Uthe amaphoyisa, abebizelwe ukuthi kukhona oshaya omunye, afike sekukhona isidumbu, avele abopha indodana yakhe. “Umama ubengenalo ngisho negazi, angizange ngizitshele ukuthi ukuzama ukulamula kwakhe abazukulu kungagcina kuholele ekufeni kwakhe,” kusho uNksz Ngema.
Ebuzwa uNksz Ngema ukuthi ufisa kwenzakeni ngendodana yakhe uthe kusenzima ukusho ngoba udaba lusanda kwenzeka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseMondlo abophe umsolwa ngecala lokubulala.
“Amaphoyisa aseMondlo abebizelwe icala lokushaya, afike endaweni yecala sekukhona isidumbu. Kuboshwe umsolwa (26) ngecala lokubulala,” kusho uZwane. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.