Kwethulwe inhlangano yabalimi abamnyama
SEBENENHLANGANO ezobhekelela izidingo zabo abalimi abatshala umoba emuva kokwethulwa ngokusemthethweni kwenhlangano yabo iSouth African Farmers Development Association (Safda).
I-Safda ithulwe ngasekupheleni kukaJanuwari emuva kokuthi abalimi bomoba abamnyama bekhale ngokuthi inhlangano ebikhona ibibhekelele kakhulu izidingo zabalimi abamhlophe.
Isikhulu esiphezulu seSafda, uMnuz Siyabonga Madlala, waya ePhalamende ngo-Okthoba ekhala ngokuthi izwi labalimi abamnyama alizwakali embonini.
Wayehambisana noMnuz Andile Buthelezi, Nkk Lindiwe Hlubi noMnuz Thandokwakhe Sibiya.
Ngesikhathi kwethulwa iSafda emcimbini obuseLangeni Hotel, eThekwini, uMadlala uthe bayajabula ukuthi iSugar Act ka-1978 eyagcina ukuchitshiyelwa ngo-1987 izobhekwa kabusha ukuze ibhekelele izidingo zabalimi abamnyama ngoEphreli.
UMadlala wazakhela udumo ngesikhathi eshiya umhlangano weSouth African Sugar Association (Sasa) ngo2015 ekhala ngokuthi abalimi abamnyama abahlonyiswa ngamakhono azobacija ukuthi baphumelele kodwa kugxilwe kubalimi abamhlophe.
Uthe iSafda inamalungu angaphezu kuka-2 500 KwaZulu-Natal naseMpumalanga. Nakwezinye izifundazwe bayawathola amalungu.
UMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo ezisemaKhaya utshale u-R71 million kwiSafda. UMadlala uthe imali izosetshenziselwa ukuthuthukisa abalimi abancane.
“Sizoqhubeka nokufundisa abalimi ukuze amapulazi abo angavalwa. Sizobheka nabatshalizimali abazosiza ngokuthi basiphe imali yokusiza abalimi ngomanyolo, imbewu, imishini yokulima nezinye izinsiza,” kusho uMadlala.
Uthe abalimi abancane babhekene nezingqinamba zokungakwazi ukuthenga imbewu, amakhemikhali asiza izitshalo ukuthi zingadliwa yizilwane ezithile, wukungabikho kwendawo yokudayisa umkhiqizo wabo, ukungabi nomhlaba nokuthi kunezinkampani ezinezivumelwano zokudayisela abathile umoba iminyaka ewu-50.